INYUNYANA yothisha iNatu isola ukuthi usubuyile umkhonyovu wokudayiswa kwezikhala zothishanhloko nezothisha KwaZulu-Natal ngemuva kokuqashwa kothishanhloko ezikoleni abangakaze bafake ngisho izicelo zomsebenzi kuzona.
UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe batshele uNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Kwazi Mshengu, emhlanganweni ababe nawo izolo ukuthi lo mkhoshosho kuyacaca ukuthi usubuyuile ngoba othishanhloko bebehanjiswa ngabahloli ekubeni kwazigungu ezilawula izikole bezithuka ngoba beziqala ngqa ukubabona.
Uthe banike uMshengu uhlu lwezikole okwenzeke kuzo lokhu bacela ukuba kuphenywe.
“Emhlanganweni wethu wokuqala nongqongqoshe simnike nohlu lwezikole lapho kwenzeke khona lokhu. Abahloli bebelwa nezigungu zezikole ngoba bebeletha abantu abangakaze bafake nezicelo zomsebenzi. Yingakho sifuna aphenye ungqongqoshe ngoba sisola ukuthi lezi zikhala zidayisiwe,” kusho uThompson.
Kuke kwaba yindaba egudwini ukudayiswa kwezikhala zothisha nothishanhloko kuleli.
UNgqongqoshe kazwelonke, uNkk Angie Motshekg, wajuba uphenyo ngalokhu okwatholakala ukuthi kwezinye izifundazwe yayikhona le nhlese yokudayisa izikhala.
UThompson uthe bamtshelile ukuthi bafuna aphenye nendaba yokuqashwa kothisha abango-post level 1.
“Sifuna kuphenywe sonke isifundazwe mayelana nokuqashwa kwalabo thisha ngoba akukho lapho kukhangiswa khona izikhala zabo. Simane sibone sekuvumbuka umuntu esikoleni ekubeni kwasigungu esilawula isikole sisuke singazi. Siyasola nala ukuthi umuntu umane alandwe afakwe esikhaleni ngoba nendaba ye-database yothisha abangasebenzi yinto efana nengekho,” kusho uThompson.
Uthe bamtshelile nangezinye izinto ezithinta imali ekweletwa othisha bakwaGrade R nokulungisa izimo zokusebenza kwalabo thisha.
“Usitshelile ukuthi uzokumela lokhu okuyiqiniso ngeke ahambise ngokuthi asidlelani ngoba iNatu ingadlelani ne-ANC okuyiqembu elimjubile. Uthe ngeke akhethe phela emasini uzosebenza nabo bonke abantu okuyinto esinika ithemba ngoba uze wathi akafuni ukumosha ikusasa lakhe njengoba engummeli nje,” kusho uThompson.
Uthe bamtshelile ngokuthi kwezinye izikole abantu kwathiwa baqashiwe kodwa bangazithola izincwadi ezisho lokho okwenza umnyango wafuna ukuphinde ukhangise kabusha lezo zikhala ikakhulu eMsinga.
“Indaba yomhlomulo wokusebenza emakhaya, iRural Allowance, uthe yinto eseqhulwini lwezinto azozisukumela. Siphakamise nezinye izinto okwagcina kungenzekanga lutho ngazo njengodaba lwamaqakelo nophenyo olwalwenziwa nezinye izinto emnyangweni.”
Okhulumela uMshengu, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe ungqongqoshe ubehlangene neNatu izolo njengoba ehlangana nazo zonke izinhlaka kwezemfundo.
“UNgqongqoshe wanquma ukuthi ahlangane nazo zonke izinhlaka kwezemfundo ukuze akhe ubudlelwano bokusebenzisana nazo zonke izinhlaka. Lokhu ukwenza ukuze kungabi nokunyathelana amakhona, zonke izinhlaka zilazi iqhaza lazo emnyangweni.”
Uthe namhlanje uzohlangana nezigungu ezilawula izikole ePhoenix ukuze ezwe ngezingqinamba nezinkinga ezikhona.