KUNOMBIKO oshaqisayo oveza izinsolo zenkohlakalo eyenziwa izikhulu zikaMasipala weTheku ngesikhathi kuqashwa owesifazane uNksz Thabisile Ncayiyana okuthiwa ‘ubeyisipoki’ ehhovisi lemeya egoduka noR50 000.
Umbiko wophenyo obelwenziwa uphiko lwabaphenyi kulo masipala, iCity Intergrity Investigative Unit (CIIU), uveza ukuthi iMeya uNkk Zandile Gumede yaphoqa izikhulu ukuba ziqashe uNksz Ncayiyana ngenhloso yokumxhawula ngokuyisiza ngesikhathi ikhankasela ukungena kulesi sikhundla.
Ngesonto eledlule kuke kwaqubuka imibuzo ngoNksz Ncayiyana ovela njengosebenza ehhovisi lemeya kodwa kungaqondakali ukuqashwa kwakhe.
Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango udalule ukuthi ingxabano eyaba khona phakathi kwemeya nowayeyiMenenja kaMasipala uMnuz Sbu Sithole yayisukela kulo lolu daba, uSithole engafuni kuqashwe uNksz Ncayiyana.
Wagcina emisiwe emsebenzini uSithole kusele amasonto amabili kuphele inkontileka yakhe. USithole akatholakalanga ukuze aphawule ngalolu daba. Kuthiwa ngesikhathi kubekwa uNks Dumisile Nene ukuba abambe kwesemenenja kamasipala wamqasha uNksz Ncayiyana.
Kuthiwa wathola incwadi yokumqasha ngoKhisimusi ngo-2016.
Kuthiwa uNksz Ncayiyana nemeya babeqale ukwazana ngesikhathi (uNksz Ncayiyana) esasebenza esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International wagcina esiza imeya ikhankasela ukuba uSihlalo we-ANC eThekwini.
Kuthiwa uNksz Ncayiyana wawulaxaza umsebenzi wakhe emuva kokuba uNkk Gumede engene kwesobumeya. Kuthiwa uNksz Ncayiyana wayesazi ukuthi ulindwe umsebenzi ehhovisi lemeya ezoba ngumsizi wayo. Okhulumela imeya uMnuz Mthunzi Gumede akayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe yiSunday Tribune mayelana nokuqashwa kukaNksz Ncayiyana ehhovisi lemeya.
Ukuphuma kwalolu daba emaphepheni sekudale ukuba kuthushuke uMnuz Cyril Ndaba ovutha engabaselwe okhala ngokuthi naye wayesifakile isicelo somsebenzi kulesi sikhundla esisuse umsindo kodwa wangaqashwa.
UNdaba uthi usesifakile isikhalo sakhe kwamasipala waphinda wathinta nommeli wakhe ukuze amelekelele athole ubulungiswa kulo daba.
UNksz Ncayiyana obekuvele ukuthi ungumsizi wasendlini wemeya, ubhale kuFacebook ukuthi uneziqu iNational Diploma in Public Management azithole eMangosuthu University of Technology, Post Graduate Diploma in Project Management ayithole eMancosa neBachelor of Arts in International Relations ayithole e-UNISA .