Izindaba

Izinhlelo zokuthuthukisa iXobho zizoqala

Published

IMEYA yaseSisonke District Municipality, uKhansela Mluleki Ndobe, uthi isinqotshiwe inselelo ebiyenza lingathuthuki idolobha iXobho. Isithombe: SIBONELO NGCOBO IMEYA yaseSisonke District Municipality, uKhansela Mluleki Ndobe, uthi isinqotshiwe inselelo ebiyenza lingathuthuki idolobha iXobho. Isithombe: SIBONELO NGCOBO

MDU NCALANE

Ebika eseXobho

I SIMINYAMINYA esivame ukubonakala enkabeni yedolobha iXobho, ukwentuleka kwezindawo zokuhlala izisebenzi kanye nokuya kwamanye amadolobha uma izakhamuzi ziyothenga kuzophela maduze nje ngoba uMkhandlu usugunyaze ukwakhiwa kwezinxanxathela ezimbili zezitolo.

IXobho, engaphansi koBuhlebezwe Municipality, ivame ukucinana, ikakhulukazi ngezimpelasonto ngoba inomgwaqo owodwa onqamula edolobheni. Ukushoda kwezindawo zokuhlala bekwenza abasebenza emiNyangweni ehlukene kahulumeni bahlale kude njengaseMgungundlovu njengoba bezingabonwa izindawo zokuhlala. Leli dolobha liphakathi nendawo esifundeni iSisonke District Municipality. Lakhelwe wuMzimkhulu, osanda kufakwa esifundazweni iKwaZulu-Natal, yiKwaSani enedolobha elincane i-Underberg ehanjelwa kakhulu ngabavakashi ngenxa yezintaba zoKhahlamba, wuBuhlebezwe kanjalo neGreater Kokstad nayo enedolobha elingconywana.

IMeya yeSisonke, uMnuz Mluleki Ndobe, uthe isixazululekile inselelo abebhekene nayo nebiyenza idolobha lingathuthuki. “Indawo ebesinenselelo yokuyithola ibinomnikaziyo kodwa sesiyitholile ngoba abanikazi bayo sebevumile ukusidayisela yona. Ngenhlanhla futhi siyithenge ngemali esezingeni elifanele nokwenze kwangaba khona msindo ngayo. Sesizokwazi-ke manje ukuqala umshikashika wokwakha izitolo, izindawo zokuhlala abasebenzi bethu kanjalo nabemiNyango kahulumeni eyehlukene njengoba eminingi izinze lapha kuleli dolobha ngoba yilona eliphakathi nendawo nelikwazi ukuxhumanisa amanye amadolobha nezindawo ezingaphansi kweSisonke,” kusho uNdobe.

Uthe imininingwane ngalezi zinhlelo izomenyezelwa kahle uma sekwethulwa inkulumo yomumo wesifunda kanjalo nesabelomali saso maduze nje. “Okunye okusisiza kakhulu wuhlelo lokuvuselelwa kwamadolobha amancane, okuwuhlelo loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. “Okwethu-ke manje wukuqikelela ukuthi izinhlelo zamanzi nezikadoti zisemgqeni. Senze umsebenzi obonakalayo eKokstad lapho idolobha lilikhudlwana ukuze amanzi ethu akwazi ukumelana nomthamo wabantu kuleya ndawo. Manje sesiyagudluka siya nakwezinye izindawo njengaseMzimkhulu naseNgweni njengoba sizofaka uhlelo lwemali engu-R460 million lwamanzi nokusingathwa kwendle. Inselelo ebesinayo futhi esifundeni ekagesi. nayo kuyakhanya ngayo njengoba kuvuselelwa isiphehli saseKorinte naseKenterton. NgoJulayi kuzobe sekukhona umehluko omkhulu kakhulu,” kusho uNdobe.

Uqhube wathi okunye okuzofukula umnotho weSisonke yizinto enothe ngazo okungezolimo nezokuvakasha. “eNgweni kuneBulwer corridor yezokuvakasha ethuthukiswayo nokungumzila obheke ezintabeni zoKhahlamba. KwaSani nakhona kunezinhlelo zokuphucula ingqalasizinda yezokuvakasha nezibandakanya imigwaqo elungiswayo. Imakethe yethu ezoba yisizinda sabalimi isizophela ngoba kuke kwaba nezingqinamba ngayo kodwa sezilungile izoqedelwa maduze nje bese iphakela izwe lonke ngokudla,” kuchaza uNdobe.