KWEHLE ijoka emahlombe omndeni kaMnuz Lindani Myeni, ngemva kokufika kwesidumbu sakhe eNingizimu Afrika, sisuka e-USA ngoMgqibelo ekuseni.
UMyeni (29) udutshulwe washona ngamaphoyisa aseHonolulu, eHawaii e-USA ngenyanga edlule, emva kokubikwa othile njengobezogqekeza.
Umndeni nohulumeni bathi uMyeni ubulawe ngoba engumuntu webala elimnyama, futhi ubengenalo nhlobo udlame.
Isidumbu sikaMyeni sifike esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo sisuka e-USA. Samukelwe umkakhe nguNkk Lindsay Myeni, amalungu omndeni nabaholi bakahulumeni.
Babuye naso eGauteng, safika ebusuku KwaZulu-Natal, njengoba manje sigcinwe emakhazeni aseRichards Bay. Umalume kaMyeni, uMnuz Andile Myeni, uthe kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo somshana wakhe ngoLwesine. Uthe abakaphumi nendawo ezobanjelwa khona kodwa bebesahlongoze ukuthi ibe sekolishi eSikhawini.
“Uzobe esengcwatshwa ngoMgqibelo kodwa indawo okuzobanjelwa khona inkonzo ibingakaphumi. Kusikhululile ukufika komzimba ekhaya usuka eMelika. Kuyabonakala ukuthi ikhona inqubekela phambili ngalolu daba,” kusho uMyeni.
Ngempelasonto amaphoyisa aseHonolulu, akhiphe ivideo okukholakala ukuthi iyona eyaholela ekutheni uMyeni agcine ebulewe. Kuyona kuzwakala izwi lowesifazane okhalayo futhi othukile ebikela abezimo eziphuthumayo ngoMyeni osendlini yakhe. Ayikhombisi ingxabano eyabikwa ngamaphoyisa nodlame athi lwakhonjiswa nguMyeni ngenkathi ekhuluma naye.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza ukhwele wadilika ezweni i-USA , wathi isiphenduke isizinda sokubulawa ngesihluku kwabantu abamnyama bengenze lutho.