ZIQHUBEKE kahle ngaphandle kwezinkinga izinhlelo zokubhalisa kuzona zonke izikhungo ze-University of KwaZulu-Natal, izolo.
Lokhu kuqinisekiswe yiPhini Shansela lale nyuvesi uSolwazi Nana Poku esitatimendeni sakhe esithunyelwe abezinndaba.
“Sekusele kuphela isikhathi esingaphansi kwamasonto amabili ukuthi izinhlelo zokubhalisa zivalwe kodwa inyuvesi isibhalise izitshudeni ezingu- 95% kanti zingu- 69% izitshudeni esezizitholile iziqu, esezibhalisile,” kusho uPoku.
Uthe izibalo zezitshudeni esezibhalisile kule sikhathi ziyafana nezibalo zangonyaka odlule zangesikhathi esifanayo.
Uveze ukuthi yize izibalo zokubhalisa zihamba kahle kodwa kusenzima ukubhekana nodlame, wukushiswa kwempahla, wukwesabisa nezinye izigameko zobugebengu ezenzeka ezikhungweni zenyuvesi kodwa kuyavela ukuthi yidlanzana labathile elikhombisa ubudlova nelifuna ukuphoqa iziphathimandla zenyuvesi ukuthi zenze elikhala ngakho kodwa zona iziphathimandla esezikubeke kwacaca ukuthi kulukhuni ukufezeka.
“Kusukela lokhu kuphazamiseka kuqalile, sesihlangane izikhawu nezitshudeni, abasebenzi nezinhlaka zomphakathi ukuthola isisombululo. Sivumelene ngokuthi inyuvesi iyisikhungo esibalulekile ezweni lonke, ngakho noma ngabe yini ethikameza inyuvesi ayiphazamisi nje isifundazwe kuphela kodwa izwe lonke,” kuqhuba uPoku.
Uthe izinhlaka zobuholi bale nyuvesi zisibhekile isimo zasibuka nxazonke zakuqonda ngokujulile okukhalelwa yizitshudeni. Uthe bazoqhubeka nokuxoxisana nabaholi bezitshudeni nezinye izinhlaka ezithintekayo.