U NGIZWE Mchunu owakhishwa ohlelweni lukamaskandi ngoMgqibelo wafakwa entathakusa kuKhozi FM
MUVA nje imisakazo eminingi yenze izinguquko ezinhlelweni zayo ukuze ihehe abalaleli abasha.

Uma nje siqala ngomsakazo omkhulu ngokwesibalo sabalaleli, Ukhozi FM, ushintsho olukhulu lwenzeke ezinhlelweni zezenkolo. Kuthathwe uSbu Buthelezi wangena emini kwiNdiza Nathi noMroza Buthelezi ngo-12 kuya ku-3 phakathi nesonto. Esikhaleni sikaSbu ngeSonto ekuseni kufakwe uSiya Mhlongo kwathi kuNkulunkulu noMntomusha kwafakwa uNomfundo Mkhize. NakuSgiya Ngengoma kukhishwe uNgizwe Mchunu wayofakwa ezintatha kwathi esikhaleni sakhe kwangena uNkosinathi Mshengu.

KuMetro FM kushiye uBonang Matheba esikhaleni sakhe kwangena uDineo Ranaka. ULerato Kganyago ususwe ohlelweni lwantambama wafakwa noDineo. Ekuseni kuhambe uGlen Lewis no-Unathi Msengana esikhaleni sabo kwangena uDJ Fresh noSomizi Mhlongo.

Ntambama kukhona uMo Flava noMasechaba Ndlovu.

Ngempelasonto, iKings of the Weekend wuSphectacula noNaves bebegcina kuMetro FM.

Ku-5FM ushintsho olukhulu kube ngelokufakwa kukaThando Thabethe ohlelweni lwantambama. Uzongena noMsizi James pha­mbilini oke waba ku-East Coast Radio.

KuMhlobo Wenene khona kuhambe uPutco Mafani oyoqala isiteshi esisha iRhythm FM. NakuKhaya FM kuhambe obenza uhlelo lwasekuseni uBob Mabena.

Kule nyanga silindele ukuzwa ukuthi iGagasi FM lona lizozishintsha kanjani izinhlelo zalo.

Kungalesi sizathu ngithe angikukhumbuze nje ukuthi njengamanje ukulalelwa kwemisakazo kume kanjani. Lokhu kuzosisiza ukubona uma sekukhishwa izibalo ezintsha ukuthi ngabe izinguquko ezenziwe ziyasebenza okanye abantu abahambisani nazo.

Ngokwezibalo zeThe Broadcast Research Council of South Africa (BRC) eziphume ngoFebhuwari, Ukhozi FM lunabalaleli abangu 7 311 000, Umhlobo Wenene 5 253 000, Metro FM 3 931 000, Gagasi FM 1 344 000, East Coast Radio 970 000, 5 FM 862 000, Vuma FM 73 000. Ngaseziteshini zomphakathi zaKwaZulu-Natal Izwi Lomzansi 104 000, Imbokodo FM 82 000, Newcastle 89 000, Umgungundlovu 75 000, Itheku 60 000, Radio Khwezi 75 000 kanti iNongoma ibe nabangu-35 000.

Izibalo ezilandelayo zizophuma ekupheleni kwenyanga kodwa ngeke zicacise kahle ukuthi ushintsho lube namuphi umthelela. Sesiyolinda ezizophuma ngasekupheleni konyaka.

Ungangibhalela [email protected] noma kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu