AYIKHO indlela yokugwema isivunguvungu sesibili seCovid-19 kuleli ngoba izindawo ezidayisa utshwala nezokuzijabulisa seziphenduke izindawo okuthelelwana kakhulu kuzo, ngegciwane.
USolwazi Salim Abdool Karim, uSihlalo wekomiti eleluleka umkhandlu wongqongqoshe ngeCovid-19, ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba ethi lokhu ukusho ngoba kunabantu abangu-80 abatheleleke ngegciwane besendaweni yokucima ukoma eCape Town, kubo okukhona nabafundi baka-matric.
ENyuvesi iFort Hare, zilinganiselwa ku-30 izitshudeni ezitheleleke ngegciwane ngemuva kokuchitha ubusuku obubili ndawonye, ziphuza. Uthe ukuxegiswa kwemigomo kathaqa kudale ukuthi abantu bangabe besaqaphela, abanye abasaqhelelani futhi nezifonyo abasazigqoki.
“Umuntu oyedwa onaleli gciwane uma esendaweni enabantu abaningi angathelela inqwaba. Abantu abashintshe ukwenza, baziqoqe ngoba igciwane lisekhona.”
Uthe amazwe angaphezulu kuka-60 okubalwa i-USA, South Korea abe nesivuvungu sesibili.
UMnuz Lucky Ntimane weSouth African Liquor Traders Council, uthe iyabakhathaza imibiko yokuthi kunabadayisi botshwala abangayilandeli imithetho, wathi kumele baboshwe.
UKarim uthe nakuba sekungena ihlobo okwaziwayo ukuthi iCorona iyehluleka ukuphila kahle uma kushisa kodwa ukuziphatha kwabantu kubalulekile ngoba igciwane libhebhetheka ngabantu.
“Sekusondele isikhathi samaholidi kaDisemba okuyisikhathi lapho iningi labantu lizohamba kakhulu. Kudingeka kwenziwe okuthile mhlawumbe kuvalwe ukuhambela kwezinye izifundazwe.”
Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi bangu-706 304 abahaqwe yiCorona, ababulelwe yilo bangu-18 656, asebeluleme bangu-639 568 okusho ukuthi u-90% usululeme.