UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi yoMphakathi nengqalasizinda, uNkk Patricia de Lille, izolo umemezele ukuthi umnyango wakhe usuthole izindawo eziwu-37 okuzogcinwa kuzo abahaqwe yigciwane iCorona.
“Izindawo zizosetshenziswa ngabantu abahlala emijondolo lapho ingekho khona ingqalasizinda,” kusho uNkk De Lille esithangamini nabezindaba ePhalamende izolo.
Uthe ithimba labasebenzi selivakashele izindawo ezehlukene ukubheka isimo.
“Sesimtshelile uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize, ngezinye zalezi zindawo ,” kusho uNkk De Lille.
UNkk De Lille uthe bayaxhumana kakhulu noMkhize, baxoxa nomasipala ngoba izindawo kumele zivele ezifundeni ezieu-44 nakomasipala abakhulu abayisishiyagalombili.
“Uma sithola isakhiwo esingasetshenziswa ukuhlalisa abahaqekile, sizoba sesitshela uMkhize. Uhlelo lokufuna ezinye lusaqhubeka,” kusho uNkk De Lille.
Uthe bafaka ucingo emngceleni iBeitbridge.
“Lokhu kuzosiza ukuqinisekisa ukuthi abekho abantu abangaziwa noma abanegciwane abangena noma baphume kuleli.”
Uyalele ukuba kuqale uhlelo lokufaka ucingo oluzoba amakhilomitha awu-40 bese libe * -1.8 wamamitha ubude kusukela ngoMashi 16.
Umsebenzi uzokwenziwa inyanga eyodwa uphothulwe kodwa ubize uR37.2 million.
E-Free State kuzothulwa izibhedlela ezimbili eTrompsburg naseLadybrand ezizosetshenziswa ukugcina abahaqekile.
KwaZulu-Natal izibhedlela ezizosetshenziswa ziseDurban North, Pietermaritzburg, Richards Bay nasePort Shepstone.