UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLeit General Nhlanhla Mkhwanazi
Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLiet General Nhlanhla Mkhwanazi usetuse izincomo abazithola emalungwini omphakathi wasezifundazweni zomsebenzi abawenzayo wokulwa nobugebengu. Uthi kungenye yezinto ezikhuthaza yena nethimba aliholayo lengalo yomthetho ukuqhubeka aqinise isandla kosikhwili phambana nobhoko, abephula umthetho.
UMkhwanazi usho njalo ekhuluma esithangamini sabezindaba abesenze kuleli sonto ukuzobhunga ngesimo sezamaphoyisa nezomthetho esifundazweni, lapho afike wadalula khona ukuthi ukunconywa wumphakathi ngomsebenzi abawenzayo kuyabakhuthaza.
Uthe bayazibona izincomo zomphakathi ngemibhalo enamekwa nefakwa njalo ezinkundleni zokuxhumana ukuncoma umsebenzi owenziwa ngamaphoyisa uma kubikwa ngezigameko ezithile zobugebengu ezisuke zingenelele kuyona ukusiza umphakathi.
“Sekukaningi sithola izincwadi esithunyelelwa zona nezingcindo sithintwa, sibongwa ngomsebenzi omuhle esiwenzayo wokuvikela umphakathi esiwuholayo, okwenza sigqugquzeleke ikakhulu ngoba sijwayele ukugxekwa njalo ngamabatha enzeka emsebenzini wethu. Konke lokhu kukhombisa ukuthi ukuzibophezela kwethu ukuqeda nya ngobugebengu kuthela izithelo njengoba sibona kwenzeka nje,” kusho uMkhwanazi.
Eqhuba, uthe ukuzikhandla kwabo ngomsebenzi nsuku zonke kufakazelwe wukuncipha kwezikhalo zokungenzi umsebenzi ngendlela efanele ngo-697 kusuka ku-3 754 kuya ku-3 057, wathi bazibophezele ukuqhubeka nokwenza kube ngcono kakhulu kunalokho.
“Onyakeni wezimali u-2024/25, ibalelwa kuR3.3 billion ekhokhelelwe izikhalo ezisuke zifakelwe ukungenzi kahle kwamaphoyisa, okuthe uma ithimba lethu lezomthetho selicubungula, sagcina sikhokhe uR154 million kuphela. Nalokho kuyimali enkulu kabi, okudingeka siqhubeke sisebenze kanzima ukuyehlisa kakhulu,” usho kanje.
UKhomishana udalule nokuthi banezinhlelo abazenzayo zokuhlangana nomphakathi, ukuqhubeka kubhungwe ukuthi kungasetshenziswana kanjani ukulwa nokuthi kuqotshwe ubugebengu. Ukhuthaze amalungu omphakathi esifundazweni ukukhuthala ukuyihambela ukuze abe yingxenye yezinqumo ezithathwayo nezinhlelo zokuvunyelwana ukwenziwa.
UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLeit General Nhlanhla Mkhwanazi
Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS