UNGAPHEZU kukaR50 million umonakalo odalwe yizimvula emapulazini aKwaZulu-Natal.
Lezi zindaba zivezwe nguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya esifundazweni, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, obehlola umonakalo ngempelasonto.
Uthe ngenxa yalesi simo kuzoshoda ukudla okuyiswa ezimakethe bese kunyuka intengo yakho ezitolo.
Uveze ukuthi kumosheke ama-hectare angaphezu kuka-3500 anezitshalo, imfuyo ewu-697 nengqalazisinda ewu-110 esetshenziswa ngabalimi.
Uveze ukuthi kwezinye izindawo ayisekho nemigwaqo kanti abasebenzi ngeke basebenze emapulazini njengoba isimo sisenjena, okusho ukuthi ngeke bahole.
“Izimvula ezihambisana nesiphepho zidale omkhulu umonakalo emapulazini. Lokhu kusho ukuthi abalimi badinga ukulekelelwa ngoba sibhekene nesimo esizodala ubuphofu sandise nesibalo sabangasebenzi. Amapulazi amaningi awasebenzi ngenxa yokuthi izitshalo zimoshekile, imfuyo ilimele kanjalo nengqalasizinda,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Ucele abantu ukuthi baziqalele izingadi emakhaya ukuze bakwazi ukubhekana nesimo sokushoda kokudla esizayo.
Uveze ukuthi yize iKwaZulu-Natal ingakabizwa ngendawo yenhlekelele wuhulumeni kazwelonke kodwa umokanalo odaleke emfuyweni nasezitshalweni uwuR50 million.
Ubuye waveza ukuthi kuzodingeka uR2 billion ukulungisa izindawo zokugaya nengqalasizinda yazo (sugar mills).
“Siyaqhubeka nokuhlola umonakalo njengoba sivakashela amapulazi. Sisebenzisa imali ebhekelele izimo eziphuthumayo ukulekelela abalimi. Sicela nosizo kuNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke, uNkk Thoko Didiza, ukuze asifakele enye imali,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uthe bayazama ukuvusa izitshalo ababona ukuthi zizohlengeka kodwa lapho umonakalo umkhulu kakhulu, bayamukela ukuthi kufanele baqale phansi.