UKUVELA kwe-video eveza owesifazane osebenza enkulisa eseCarletonville, eWest Rand, eGauteng, eshaya ujahidada ephindelela, kwethuse abazali abaningi.
Kube nzima ngisho ukuyibuka uyiqede i-video ngendlela ecasula ngayo njengoba lo wesifazane (oseboshiwe) ebuye athanqaze phansi umfanyana.
Abazali basale nemibuzo nokusaba ukuthi engabe ezinkulisa abashiya kuzona izingane zabo nsuku zonke, akwenzeki yini lokhu.
“Ngiyamncoma kakhulu umuntu ofake le video ezinkundleni zokuxhumana. Usisizile thina njengezinhlangano ezibhekele ukuphepha kwezingane ukuthi siwuqinise umyalezo wokuqikelela ukuphepha kwezingane ngisho kubazali uqobo,” kusho uNkk Jackie Branfiled wenhlangano ebhekele ukuphepha kwezingane eseThekwini, iBobbi Bear.
Uthi kuningi okungenziwa abazali ukunciphisa amathuba okuthi izingane zabo zigilwe “amabhoklolo” asezinkulisa.
Bathi okokuqala nje, kubalulekile ukuthi ungavele ujabulele ukuthi inkulisa oshiya kuyona ingane yakho ishibhile, kodwa kumele ubheke ukuthi abantu abasebenza kuleyo nkulisa bawuqeqeshelwe yini umsebenzi abawenzayo.
“Akuyena noma yimuphi umuntu ongakwazi ukubhekana nomsebenzi wokunakekela ojahidada abangaphezu kwabahlanu. Kusuke sekudingeka ubuchule obufundelwe. Kunzima ukubhekana nengane yakho eyodwa ekhaya, kangakanani-ke uma seziningi.
"Into ebuhlungu wukuthi emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya, noma ngubani ongasebenzi, kulula ukuzivulela inkulisa. Nakuzona izinkulisa, kulula ukuqasha noma yimuphi owesifazane ongasebenzi kuthiwe makanakekele izingane,” kusho uNkk Branfield.
Ukhale kakhulu ngokushintsha kwezinto eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi, ophikweni lwezenhlalakahle.
“Kuqala ubuthi uma ufuna inkulisa, uye kosonhlalakahle bakunike uhlu lwalezo asebezibhekile bathola ukuthi zihambisana nayo yonke imigomo nemibandela yokunakekelwa kwabantwana. Manje akusekho lokho. Yingakho zingaka ezehlakalo zokuhlukunyezwa kwezingane ezinkulisa.”
LO mdwebo ungabukeka ungathi shu, kungamakokoroshe nje azidwetshelwa ojahidada, kodwa lo mdwebo usho lukhulu ngokusemqondweni wengane Isithombe: glinstitute.com
Nombhali wezincwadi iBaby Sense, uMag Faure, uvumelana noNkk Branfield njengoba ethi kuyinselelo enkulu ukungahlolwa ngosonhlalakahle kwezinkulisa zakuleli, ikakhulu labo abasuke beqashelwe umsebenzi wokubhekana ngqo nojahidada nsuku zonke ezinkulisa.
Uthe ngokomthetho, zonke izinkulisa kumele zihambisane nemigomo yoMnyango wezeMfundo ngaphansi kwemigomo ye-Early Childhood Development.
UKUNGENA ubone ukuthi izinto zokudlala zime kanjani, ngeke yini zibe yingozi enganeni uma ufuna inkulisa kubalulekile nakho Isithombe: Nicola Cipriani
Kule migomo kubalwa ukubaluleka kwenhlanzeko, ukubekwa ngendlela ephephile kwezinto zokudlala, ukuba seduze kwamathoyilethi, bese kuthi okumqoka kube eyokuqashwa kwabasebenzi abaqeqeshelwe ukufundisa nokunakekela izingane.
Ongoti bathi nakhu okungaba yizimpawu zokuthi ingane yakho iyahlukunyezwa enkulisa oyihambisa kuyona:
* Uma inezibazi engakwazi ukuzichaza ukuthi zivelaphi.
* Uma ikade ikujabulela ukuya enkulisa, bese ijika ikhale uma kumele igezele ukuya enkulisa.
* Uma ifika enkulisa, ikhale kube sengathi wusuku lokuqala iya khona.
* Uma ibona omunye wabasebenzi basenkulisa, iqhaqhazele ibambe iziketi zakho uma uyihambisa ekuseni.
* Uma ibuyela emikhubeni yayo emidala ebisiyiyekile njengokubambelela eziketini kuwena ngisho ekhaya, ingafuni ukusuke eduze kwayo.
Uma ibithanda ukumunca isithupha isisiyekile, kodwa isibuyele kusona.
Uma ibithanda ukukhala njalo isiyekile kodwa futhi isiqale phansi ikhala njalo nangaphandle kwesizathu, kungenzeka kukhona okushaya amanzi enkulisa yayo.
* Uma ingane yakho ibisikade izilalela yodwa embhedeni noma ekamelweni layo, kodwa gwiqiqi ayisafuni isithi iyasaba. Kungenzeka ukuthi ukuhlukunyezwa enkulisa kuyenza ibe namaphupho amabi ayenza yesabe uma ilele yodwa.
Ongakwenza njengomzali ukubheka ukuthi ingane ayihlukumezeki yini enkulisa:
* Fika kungazelele muntu emini. Lokhu kuzokusiza ubone ukuthi izingane ziphathwa kanjani. Ungakwenza lokhu ikakhulu ngezikhathi zokudla.
* Akube uwena ogeza ingane uma iya enkulisa. Lokhu kuzokusiza ukuthi ubheke ukuthi ayinazibazi yini ezingaqondakali ezingaba wuphawu lokushaywa enkulisa.
* Dlala imidlalo nengane yakho ezoyikhuthaza ukuthi iveze okungaphakathi nekucabangayo.
Ukudlala umdlalo wokuthi ube wuthisha yona ibe yingane yasenkulisa.
Kulowo mdlalo zama ukuthola ukuthi kwenziwani enkulisa kusukela ekuseni kuze kushaye isikhathi sokuphuma.
Buza amagama abo bonke abasebenza enkulisa, ukhuthaze ingane sakudlala ukuthi isho ukuthi qhaza lini elibanjwa wumuntu ngamunye kule nkulisa nsuku zonke.
Lo mdlalo ungakusiza ube nesithombe esicacile sokwenzeka enkulisa yengane yakho.
Okunye okusizayo kojahidada, ukubanika ipeni nama-crayon uthi abadwebe. Ongoti ekukhulisweni kwezingane nabasebenza ngomqondo wengane, bathi ojahidada badweba into ehlale iseqhulwini emiqondweni yabo.
Uma kukhona obahlukumezayo, njalo bazomdweba abe mubi nangemibala emnyama kucace ukuthi yisilwane. Abanye babadwebe ngemibala emihle futhi baqinisekise ukuthi babukeka kangcono.
Okunye okumele ukubheke ngenkulisa:
* Bangaki abantu abagada izingane enkulisa. Kumele umuntu oyedwa angabi nezingane ezingaphezu kuka-6 azibhekile.
* Bheka ukuthi inkulisa ibhalisiwe yini ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.