Amalungu e-EFF ngesikhathi ebhikisha
Image: Facebook
SEKUQUBUKE ukukhathazeka emphakathini waku-ward 2 esigodini iMbozamo, eMaphephetheni kulandela isenzo sabasebenzi bomtholampilo wasendaweni iMaphephetheni Clinic, sokunquma ukuwuvala, kungasetshenzwa kuwona - bekhala ngomthamo omkhulu womsebenzi, ekubeni kube kushoda abasebenzi.
Ilungu lobuholi bomphakathi wakule ndawo, uNksz Dolly Mngoma, lithe bashaqeke kwaphela nasozwaneni emasontweni amabili edlule, bevukela emtholampilo uvaliwe ngempelasonto, okuthe uma bezama ukulandelela ukuthi kungani kunjalo, batshelwa ukuthi yisenzo samabomu sendlela entsha osekuzosetshenzwa ngayo kulo mtholampilo.
“Sitshelwe ukuthi umtholampilo awusezukuvulwa ngezimpelasonto nangamaholidi ngenxa yokuthi abasebenzi bakhala ngokuthi bancane kakhulu njengoba kunonesi ababili kuphela, okwenza bangakwazi ukumelana nomthamo omkhulu womsebenzi wansukuzonke. Kuthiwa lokho kudalwe wukuthi kunonesi ababili abathathe umhlalaphansi futhi kunomunye umsebenzi wasemtholampilo ongekho emsebenzini ngenxa yokuxinwa wukugula. Kunjalo nje kukhona nomunye umsebenzi osanda kuthatha umhlalaphansi, okudale ukuthi laba abasele basala nomthamo womsebenzi ongaphezu kwamandla,” kusho uNksz Mngoma.
Eqhuba, uthe umphakathi ukhathazekile kakhulu ngalesi simo ngoba lo mtholampilo uwusizo ebantwini abaningi abahlala ezindaweni ezakhele wona koMkhukhwini, Kuphiwa, Ngcukwini, Vutha, Mbozamo, Mqeku, Phaweni nabaKwaNyuswa naKwaNgcolosi - ababuye beze kuwo.
“Omunye umtholampilo esingaze siye kuwona woseMzinyathi, okubiza uR24 ukugibela ukuya kuwona, esaziyo sonke ukuthi impilo esiphila kuyona manje ayivumeli wonke umuntu ukukwazi ukuya kuwona ngenxa yobunzima. Nanokuthi ukuvala ngezimpelasonto kuzoba yinkinga enkulu ngoba akuwona wonke umuntu oba nesikhathi sokuya kuwona phakathi nezinsuku. Okunye ukuthi kuba nezimo eziphuthumayo ezenzeka ngezimpelasonto ezisuke zidinga ukuthi abantu baphuthunyiswe kuwo lo mtholampilo, okusho ukuthi bazohambela ubala, bangasizakali uma kuzobe kuvaliwe,” kukhononda uNksz Mngoma.
Kuthintwa okhulumela uMmyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe nakuba zikhona izinkinga kulo mtholampilo, kubalwa ukuhamba kwabahlengikazi abathile okushiye isikhala somsebenzi, kepha ngokwakhe umonakalo awumubi njengoba kushiwo.
“Ngenxa yenkinga yokushoda kwemali eMnyangweni wezeMpilo kusenzinyana ukuthi uma kukhona isikhala somuntu esivulekayo sisivale ngokushesha, kodwa nakuba kunjalo ikhona imizamo esiyenzayo ukulungisa lesi simo ngokushesha kubalwa ukusebenzisana neminye imitholampilo engomakhelwane balo mtholampilo ukuthi kungazweli kakhulu,” usho kanje.
Uthe futhi bazibophezele ukuhlale bexhumana nomphakathi ukuwazisa ngakho konke okuqhubekayo malungana nesimo, futhi bayaxoxisana nezinhlaka ezehlukene kuhulumeni ukusiza ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile ngokushesha.