ODOKOTELA basezibhedlela iMpilo neBulawayo Hospitals (UBH) eZimbabwe abakhalaza ngomholo nokuthunjwa komholi weZimbabwe Hospitals Doctors Association (ZHDA) uMnuz Peter Magombeyi sebexwayise uhulumeni wakuleliya lizwe ukuthi basazoqhubeka nesiteleka.
Labo dokotela baveze ukuthi bazoqhubeka nesiteleka kuze kube kudedelwa uMagombeyi, kunyuswe nomholo wabo. Baqhube baveza ukuthi kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ukubatshela ngeziguli ezishonayo ezibhedlela ngoba 'bezivele zishona' ngisho bekhona emsebenzini.
Kubikwa ukuthi uMagombeyi wathunjwa amadoda angaziwa ngaphandle komuzi wakhe eBudirio ngoMgqibelo obusuku. Kusolwa ukuthi uthunjwe abantu abasebenzela uhulumeni waseZimbabwe.
UMnuz Mthabisi Bhebhe, ongunobhala weZHDA, ekhuluma nabanye odokotela abatelekile uveze ukuthi isiteleka sizoqhubeka kuze kube uhulumeni ubanyusela umholo ngoba ngeke bekwazi ukuqhubeka nokusebenza uma kungenziwa lokho. Uthe lokhu kubeka isithombe esicacile sokuthi uhulumeni akanendaba nodokotela.
Ephendula izikhalo zamalungu omphakathi asola odokotela ngokungazicabangelu iziguli, uBhebhe uthe akulona iqiniso lelo ngoba iziguli vele ziyashona bekhona noma bengekho odokotela eZimbabwe.
Uphinde waveza ukuthi babalelwa ku-23 abantu ababoshiwe eZimbabwe abasolwa ngokubukela phansi uhulumeni. UBhebhe ubuze ukuthi ngabe abantu baseZimbabwe bazisiwe yini ngokuboshwa kwalaba bantu. Uthe akuthunjwa kuphela odokotela kodwa nabanye abantu emphakathini.
- African News Agency (ANA)