UMA uzwa ngempumelelo yesikole iZama High, yaseManzana, Osizweni, eNewcastle, ungacabanga ukuthi ngesinye salezo zikole zasemalokishini noma emadolobheni kanti ushaye
phansi.
IZama High eqala kwaGrade 8 iye kwaGrade 12, ngesinye sezikole eziphakamisela phezulu ifulegi lezikole zasemakhaya futhi ezibhukulile zavala igebe ebelikhona phakathi kwalezi nezikole nezasemadolobheni uma kuziwa ngasohlangothini lwemiphumela.
Kubhekwe lukhulu nakwimiphumela yalo nyaka ka-matric yeZama High njengoba kusukela ngo-2010, lesi sikole sihlale sithola u-100%.
Kusukela ngo-2010, lesi sikole sihlale sikhiqiza iziqengqe zabafundi abamenywa nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokwenza kahle kwabo uma kukhishwa imiphumela ka-matric.
IZama High ibihlonishwa ngisho nawuMnuz Senzo Mchunu oke waba nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni ngamagalelo ayo kwezemfundo.
Lesi sikole esingaphansi kwesiFunda iMajuba siyahloniswa ezweni lonke kanti amagalelo aso aziwa ngisho nawuNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga.
Lesi sikole ngesinye sezikole ezamenywa nguNkk Motshekga ukuba zibambe iqhaza ohlelweni lomnyango, iThe Schools That Work, oluhlose ukuzama ukuqeda inkinga yokufeyila kwabafundi ezikoleni kuzwelonke.
Ngaphandle kwalokhu, lesi sikole sike sahlonishwa ngomklomelo wokulala isibili kumaNational Matric Excellence Awards.
Lesi sikole sachonywa uphaphe legwalagwala inkampani i-ATKV ngokuhlale senza kahle, ukuhlomula kwaso kuholele ekutheni le nkampani igcine isisiza nezinye izikole ezingomakhelwane baso.
IZama idumile futhi ngokwenza kahle emculweni njengoba iqembu lomculo lesikole eliphekwa nguthishanhloko uMnuz Oscar Kubheka lihlale lizitamuzela izindondo kusukela ngo-2010.
IQEMBU lomculo lesikole iZama High, sasOsizweni eNewcastle elidume ngokwenza kahle emculweni
Njalo lesi sikole sihlale simele isifundazwe kumaNational Finals of South African Schools Choral Eisteddfod manje aziwa nge-ABC Motsepe Choral Eisteddfod.
Ngo-2017, lesi sikole sawina kwiminxa emine kulo mqhudelwano womculo, umlawuli weqembu lomculo yena wanqoba indondo yeNational Best Conductor. Ngo-2018 seyibe yizingqwele kwiminxa emibili, yalala isibili kweminye iminxa emibili.
Lesi sikole sesiqophe amacwecwe amathathu ngosizo lukaDkt Lucky Nkosi woKhozi FM.
Iqembu lomculo lalesi sikole selike lamenywa ngisho nobengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ukuthi lizomculela kweminye yemicimbi yakhe.
Engxoxweni neSolezwe, uthishanhloko uKubheka uthe impumelelo yesikole sakhe incike ekubambisaneni okuhle phakathi kwabo bengothisha nabazali.
“NoNkulunkulu wangibusisa ngezingane ezifunda lapha esikoleni, ingane uma ifika ingqondo yayo ivele ishintshe izimisele njengezinye izingane,” kusho uKubheka.
Uthe abazali babambe iqhaza elikhulu empumelelweni yesikole ngoba bahlale benza isiqiniseko sokuthi yonke into ihamba kahle.
UKubheka uphinde wabonga nomholi wesifunda sabo uMnuz Zembethe Nkosi ohlale emgqugquzela ukuthi enze kahle.
“Umhloli wethu akathi ngoba izinto zihamba kahle bese eyayekelela kodwa uyaqhubeka angiphushe lokho kusiziza kakhulu isikole,” kusho uKubheka.
UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, uthishanhloko waseZama High uMnuz Oscar Kubheka nePhini likaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uMnuz Enver Surty bekweminye yemicimbi yokuklomelisa iZama ngokwenza kahle ku-matric
Uphinde wabonga nothishanhloko obekhona ngaphambi kwakhe uNkk Sbongile Mazibuko, wathi nguyena owakhe isisekelo esiqinile sesikole.
USihlalo wesigungu esilawula isikole uMnuz Nhlanhla Kubheka naye uhambe emazwini kathishanhloko wathi ukubambisana okwenza isikole siphumelele.
“Enye into esiza isikole ukuthi siphumelele ukuziphatha nokuhlonipha imithetho yesikole,” kusho uKubheka.
Uthe bahlale njalo befuna ukukhiqiza abafundi abazoba abantu abahlonishwayo emphakathini.