KENNEDY MWEENE
BANGENISE kwiMamelodi Sundowns otsotsi abaqola ngokwenza iwele inombolo yeselula yomdlali, isikhulu noma umqeqeshi ukuze bathumele umqhafazo kubangani nezihlobo zoqolwayo bese bechaza ngenkinga evelile edinga ukuba bafakelwe imali ebhange.

Lo mkhuba, osuthanda ukwanda ngesivinini ikakhulukazi kubadlali bebhola elikhokhelayo, ungenise kwiSundowns lapho kuqolwa khona ngenombolo kanozinti waseZambia, uKennedy Mweene, umqeqeshi, uPitso “Jingles” Mosimane, nemenenja yeqembu, uPeter Ndlovu.

Njengamanje iSundowns imatasa namalungiselelo omdlalo wayo omqoka weCAF Champions League lapho iya khona eNigeria ukuyodudulana nezinkunzi zakhona iLobi Stars ngoLwesihlanu.

Njengoba kuqolwa ngezinombolo, akuphele sikhathi esingakanani amaqola kade engene enombolweni kaThemba Zwane efuna imali kubangani nasezihlotsheni zakhe esebenzisa igama lakhe. Akagcinanga ngalokho kodwa angene nasemakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana abhala wonke umsangano oshiye uZwane emphakathini. Isilungisiwe nokho leyo njengoba esegadla koMweene, Mosimane noNdlovu.

Ngenxa yalokhu iSundowns ithe ukuma kancane ekuzilungiseleleni umdlalo weLobi Stars yakhipha isitatimende ixwayisa ngezigilamkhuba.

“Sixwayisa wonke umuntu ukuthi umqeqeshi wethu uPitso Mosimane, Peter Ndlovu noKennedy Mweene kabanankinga kodwa kukhona otsotsi abenze amawele ezinombolo zabo zikamakhalekhukhwini. Siyanixwayisa ukuthi ningalokothi nithumele imali uma kuvela umyalezo okhomba ukuthi laba basenkingeni ngoba lokho akukho,” ikubhale ekhasini layo le twitter lokhu iSundowns.

NeKaizer Chiefs isanda kukhuza umkhuba ofanayo esikhathini esingangenyanga esedlule lapho izigilamkhuba bezigasele khona ngenombolo kaWillard Katsande. UKatsande uze wabhala naye kwelakhe ikhasi exwayisa ngokuthi inombolo yakhe eqala ngo-078 isinewele futhi abantu bangathumeli mali kuyo ngoba akanankinga.

Phakathi kwabadlali asebeke baphoseka esikhinsini esifanayo singabala uKeagan Dolly odlala eFrance. NoLebohang Manyama weChiefs uke waphoseka esadlala eTurkey nyakenye.

UManyama uze wathola usizo ngokuthi axhumane nenkampani ephethe izindaba zakhe. Nomqeqeshi uTebogo Moloi useke waba nale nkinga waze wacela Isolezwe ukuthi limsize asabalalise umyalezo wokuthi akaboshiwe futhi akayidingi imali.