Durban17022015A robbery and get away which took place in Overport.Picture:Marilyn Bernard Durban17022015A robbery and get away which took place in Overport.Picture:Marilyn Bernard
BAWINILE NGCOBO
BASAGCWELE amathafa abasolwa ababili abadle phansi ngeveni yamaphoyisa emini kabha besuka lapho kade bebamba khona inkunzi emuva kokuthi amaphoyisa eyishiyile ajaha ngezinyawo abanye abebebamba inkunzi e-Overport ngoLwesibili.
Akucaci ukuthi abasolwa bazithole kanjani izikhiye zokudumisa le veni, noma amaphoyisa abezishiye phakathi evenini yini izigilamkhuba zase zibona ithuba zabaleka ngayo.
Kuthiwa ngoLwesibili ngezithuba zawo-12 emini amaphoyisa aseMayville abizwe emzini othile emgwaqweni uHarbottle e-Overport ngoba kubanjwa inkunzi.
Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo azithele phezu kwabasolwa ababili bephuma endlini obekubanjwa kuyo inkunzi, akwazi ukubamba umsolwa oyedwa.
Isalukazi esineminyaka engu-84 kanye nendodakazi yaso bahlangulwe amaphoyisa basinda kubahlaseli. Amaphoyisa ehlelwe yilo mshophi ngoSergeant Rajendra Seetha nozakwabo uConstable Emmanuel Sosibo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uthe abasolwa badubule babhekisa ngasemaphoyiseni ngaphambi kokuthi babaleke ngezinyawo bashiye imoto iMercedes Benz abebehamba ngayo.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa ejaha laba basolwa ngezinyawo abanye ababili abebesengaphakathi endlini kuthiwa baphumile bangena evenini yamaphoyisa ebisemnyango bashaya bathicha ngayo ngaphandle kokubuza.
“Amaphoyisa athole le moto isishiywe kanjalo eValley View, eMorningside, eThekwini lapho kuthiwa laba basolwa badune imoto i-Opel Corsa,” kusho uZwane.
Uthe umsolwa oyedwa oboshiwe uzobekwa icala lokubamba inkunzi, ukuzama ukubulala nokweba imoto njengoba kutholakale ukuthi imoto abebezobamba ngayo inkunzi ibidunwe eMorningside.
Emotweni yabasolwa kuthiwa kutholakale ama-TV amabili okusolwa ukuthi bebewebe eMbilo phambilini. Enye i-TV abebeyithathe eMayville nayo itholakele.
Kuphinde kwatholwa amathuluzi okugqekeza emotweni yabo okukholakala ukuthi yiwo asetshenziswayo uma kugqekezwa emizini yabantu nokugqekeza izimoto.
UZwane uthe amaphoyisa asezithendeni zabasolwa abasagcwele amathafa.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Mmamonnye Ngobeni uthe lo msolwa oboshiwe kuzobhekwa ukuthi akathinteki yini kwamanye amacala okubamba inkunzi ezindaweni eziseThekwini.
Uthe banethemba lokuthi bazobabamba maduze abasolwa ababalekile. Indodakazi yomuzi obuhlaselwa eneminyaka engu-35 ecele ukungadalulwa ithe sekungokwesibili umuzi wakubo ungenelwa izigebengu kulo nyaka. Uthe isigameko sangoLwesibili senzeke ngokuphazima kweso.