Izidumbu zawo bezimbobombobo yizinhlamvu zesibhamu eceleni komjondolo wawo.
Okhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe bafonelwe yindoda ebikhuluma isiZulu icela usizo emuva kokudutshulwa kwamadoda.
“Onogada bafike khona nethimba lethu losizo oluphuthumayo. Sifice izidumbu zababulewe zidindilize ngaphandle komjondolo wabo zinamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni,” kusho uBalram.
Uthe kutholwe namagobolondo esibhamu i-9mm eduze kwezidumbu.
“Igobolondo lenhlamvu eyodwa litholwe ngaphakathi emjondolo wenye yamadoda, kukhona negazi embhedeni wayo. Abahlali basendaweni ababuthane endaweni yesehlo bathe abazwanga futhi ababonanga lutho,” kusho uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe izolo ekuseni ngo-7.30 bathole izidumbu zamadoda amabili aneminyaka eko-30 zidutshuliwe emgwaqweni uStation, eCanelands.
Uthe izidumbu zamadoda bezinamanxeba amaningi okudutshulwa.
“Kuvulwe idokodo elinamacala amabili okubulala eliphenywa amaphoyisa aseVerulam,” kusho uColonel Mbele.