KUTHOLAKALE izidumbu zabantu abathathu okusolakala ukuthi ngezabantu ababezotapa esitolo iGinger Bhagwandas enkabeni yeTheku izolo kuPine Street.
Ngokuthola kweSolezwe, lezi zidumbu zitholakale ngesikhathi kuhlanzwa lesi sitolo naso esibalwa nezinye ezahlaselwa kwatatshwa kuzona ngesikhathi sezibhelu.
Kusolakala ukuthi lezi zidumbu ngezabantu abangena ngaphakathi batapa izingubo.
Ngesikhathi iSolezwe lifikile kulesi sitolo, abantu bebemi ngaphandle beyizixongololo bemangele.
Abanye bebebuzana ukuthi kwenzekani. Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bese befikile. Kwenzeka lokhu nje seziziningi izidumbu ezitholakalayo ezitolo njengoba zimatasa zilungisa umonakalo owenzekile ngesikhathi sezibhelu.
Kuthiwa amaphoyisa azokwenza uphenyo olunzulu mayelana nalezi zidumbu. Okhulumela amaphoyisa ezingeni likazwelonke, kuColonel Brenda Muridili uthe lezizidumbu zitholwe abebehlanza lesi sitolo naso esathungelwa ngomlilo ngesikhathi kuluthwa izitolo KwaZulu-Natal ngeledlule.
“Kuvulwe icala mayelana nokutholakala kwalezi zidumbu. Amaphoyisa aseDurban Central yiwona aluphenyayo lolu daba,’’ usho kanje.
Kulindeleke ukuthi sande isibalo sabantu abafe ngesikhathi salezi zibhelu eThekwini njengoba izitolo eziningi ziqale kuleli sonto ukuhlanza izitolo.