Izindaba

Izidlele amahlanga i-IFP kolokuchibiyela eThekwini

Khethukuthula Sangweni|Published

IPHINDE yawudla umhlanganiso i-IFP okhethweni lokuchibiyela obelubanjwe kuwadi 99 eThekwini Isithombe : SIGCINIWE

IDLULE ngehubo i-IFP okhethweni lokuchibiyela kuwadi 99 emagabheni, eThekwini lapho ebitholene phezulu khona ne-ANC ne-EFF kubangwa. Ukhetho belubanjwe ngenhloso yokuvala isikhala sekhansela le-ANC, uMnuz Mnqobi Molefe eladutshulwa labulawa ngoSepthemba nonyaka.

I-IFP inqobe ngamavoti angu-4 313 yalandelwa yi-ANC ngamavoti angu-2 530 kwase kuba yi-EFF ethole amavoti angu-46. I-DA yakhetha ukungalungeneli ukhetho emuva kwesivumelwano eyaba naso ne-IFP sokusebenzisana abasanda kusimemezela esithangamini sabezindaba eThekwini.

USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uthe ukunqoba kwabo kuwuphawu lokuthi abantu bathemba iqembu lakhe kuwo wonke amanye akhona. Ukunqoba kwe-IFP kusho ukuthi ikhansela lewadi elisha sekunguNksz Jane Naidoo. I-IFP isijwayele ukuzidlela amahlanga uma kunokhetho lokuchibiyela esifundazweni kanti lokhu kuchaza ukuthi iya ngokuya iqinisia isandla komasipala.