Izindaba

Iziboshwa ziphase u-matric ngamalengiso

Simphiwe Ngubane|Published

OTHISHA uMnuz Phumlani Manyathi (kwesokunxele) noNksz Nosihle Gumede benokhulumela amajele eKZN, uMnuz Thulani Mdluli (phakathi nendawo) behalalisela abafundi abayiziboshwa abaphase u-matric ngamalengiso o-Ayanda Ndlovu, Siviwe Dlangisa, Sabelo Vilakazi no Nhlakanipho Mbatha. Isithombe: Nqobile Mbonambi/African News Agency

SINEPHUPHO lokuba uthisha wezibalo isiboshwa esiyisiwunggeqe sasejele eWestville, uNhlakanipho Mbatha (26), ophase ngoBachelor wathola o-A abane kwa-matric.

UMbatha ongowaseClermont, eThekwini udonsa isigwebo seminyaka engu-15 ngecala lokuduna izimoto. Usalelwe iminyaka emihlanu esigwebeni sakhe.

Ubenza izifundo iMathematics, Accounting, Economics, Business Studies, Tourism, Life Orientation, isiZulu nesiNgisi.

Uthe uyathemba ukuthi impumelelo yakhe izosula izinyembezi zikanina owakhihla isililo mhlazane egwetshwa, evalelwa ejele.

“Ngiyaziqhenya ngempumlelo yami. Ngifuna ukudlulisela ulwazi enginalo lwezibalo entsheni esakhula. Ngifuna ukuba uthisha wezibalo, sengibhalisile e-Unisa,” kusho uMbatha ejabule.

Uthe bekunzima ukufunda ejele okudalwe nawukubheduka kweCovid-19. Kudingeke bengeze isikhathi sokufunda wathi bebengena ngo-6 ekuseni baphume ngo-6 ebusuku.

Ungomunye wabafundi abahlanu abaphase ngamalengiso abebefunda esikoleni sejele esaziwa ngokuthi Usethubeni Youth School esesithole u-100% iminyaka emihlanu ilandelana.

Abanye uSiviwe Dlangisa (21) waseMzimkhulu ophume isithathu, Sabelo Vilakazi (27) waseNtuzuma olale isine, no-Ayanda Ndlovu (22) waseThokozani eMgungundlovu ophume isihlanu. Obaqwaqwade emakhanda uKwazi Chamane waseThekwini ufunwe abasejele wangatholakala ukuze ahlonishwe izolo ngenxa yokuthi usephumile ejele.

IZIBOSHWA ezingongqeqe eziphume phambili kwa-matric zahlonishwa uhulumeni wesifundazwe okungoNhlakanipho Mbatha, Ayanda Ndlovu, Sabelo Vilakazi noSiviwe Dlangisa abebefunda e-Usethubeni Youth School ejele eWestville Isithombe: Nqobile Mbonambi African News Agency (ANA)

Kuthiwa uthole o-A abayisikhombisa futhi kungenzeka ukuthi yisona siboshwa esizibhincisele nxanye zonke ebezibhala u-matric. UChamane, Vilakazi noNdlangisa bangaphandle ngoshwele onikwa iziboshwa.

Abaphasile bahlonishwe ngezitifiketi nama-laptop emcimbini obuyizolo eLa Mercy, eThekwini wokuhlonipha bonke abafundi, kuhlanganisa neziboshwa, abaphase u-matric ngamalengiso ngo-2020 KwaZulu-Natal.

Lezi ziboshwa bezilandela zisejele obekwenzeka kulo umcimbi kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje

Umcimbi wokuklonyeliswa kweziboshwa eziphase ngamalengiso kuzwelonke uzoba ngoLwesine.

Ibamba likaKhomishana wamajele KwaZulu-Natal, uMnuz Kenneth Mthombeni uhalalisele abafundi wabonga nokuzikhandla kwabo nothisha babo ukuze baphumelele.