IZIBOSHWA zasejele iPollsmoor, zingqongqise omatilasi ezilala ngabo ngenhloso yokuvimbela izikhulu zakuleli jele ukuthi zigasele kulo.
Lezi ziboshwa eziseMedium B ziphinde zahlasela lezi zikhulu nangamanzi abilayo nangezinduku maqede zaphonsa uketshezi phansi ukuze zishibilike, zingangeni kuleli gumbi.
Okhulumela iPollsmoor, uMnuz Lewis Davids, uthe lokhu kuhlasela kulandela ukusabalala kwamahlebezi athi kunemibese egcinwe ezitokisini.
“NgoMsombuluko ebusuku, izikhulu zejele eWestern Cape zibize ithimba ukuze liyophenya ePollsmoor Medium B ngemuva kokuvela kolwazi lokuthi kunemibese nezinye izikhali ezifihlwe esitokisini esingunombolo 287,” kuchaza uDavids.
“Iziboshwa zivimbe emnyango futhi zanqaba ukuseshwa. Zithe zesuka lapho zabe ziphihliza amafastela nengqalasizinda, zashisa omatilasi.
“Ithimba ligcine liphumelele ukudambisa isimo. Iziboshwa ngaphakathi zivuke indlobane, zashaya izikhulu, zajikijela impahla kuzo futhi zazishaya ngezinduku.
“Amanzi abilayo aphonswe ngefastela, ebhekiswe ezikhulwini naphansi ukuze zishibilike futhi zingakwai ukufinyelela ezikhulwini ebezizokwenza umsebenzi wazo. “NgoLwesibili iziboshwa eziwu58 zisusiwe esitokisini.
“Imibese yokuzakhela engu-13 nama-cellphones awu-8 atholakale esitokisini kwathi iziboshwa ezingu-58 ezigqunywe esitokisini esingunombolo 287, zasuswa futhi zayiswa ePollsmoor (Remand Detention Facility).
“Iziboshwa ezingu-13 kwezingu-58 zilimele, ziphuthunyiswe esibhedlela iVictoria neSomerset West maqede zabuyiselwa ePollsmoor ngalo usuku.
“Izikhulu zigcine sezisebenzisa isankahlu ukudambisa isimo. Abalungisa amabhilidi basahlola ukuthola ukuthi umonakalo ungakanani ngemuva kwalesi sehlakalo.”
Ukulwa phakathi kweziboshwa kwaqubuka ngo-Agasti 13 ngesikhathi kunesiboshwa esigwazwayo. Ngo-Agasti 17, kunelungu lama-28 elagwaza uzakwabo naye oyi-28 futhi bonke baphuthunyiswa esibhedlela.
Ngo-Agasti 18, kunamalungu eqembu ama-26 elivukele amalungu eqembu lama-28, lawashaya futhi lawagwaza. Ngo-Agasti 19, ilungu lama-26 lishayiwe, lagwazwa futhi labanjwa inkunzi nguzakwabo.
“Lezi zigameko ezenzeke ngesonto eledlule zishayise amakhala futhi zenza uKhomishana wamaphoyisa wasePollsmoor Medium B, uDelekile Klaas waqala uphenyo.”