ZIKHALE mi iziboshwa zabesifazane zicela ushwele kuNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlumeleliswa kweZimilo kuzwelonke, u-Advocate Michael Masutha.
UMasutha ubehambele ejele laseWestville eThekwini izolo ezokupha izingane zalezi ziboshwa izipho. Ubezokwazisa nomphakathi nange-Operation Vala, okuwumkhankaso abawusungule ngoDisemba ukuthi uthele hlobo luni lwezithelo.
Iziboshwa zesifazane zikhale ngokuthi njengoba ziboshiwe nje, izingane zazo ezizishiye emakhaya zithola lonke uhlobo lokuhlukunyezwa njengoba bengekho ukuzivikela.
Bathi ezinye ziyadlwengulwa kungabi ndaba zalutho kwazise akekho ezikwazi ukubika kuyena.
“Ezinye zezingane zethu ziyadlwengulwa kanti ezinye zigcina sezizinikele ezidakamizweni,” kusho esinye seziboshwa sikhala mi izinyembezi.
Ngokwalezi ziboshwa, zikholwa wukuthi kumele kube noshwele okhethekile onikezwa abesifazane abanezingane ezisencane ukuze bakwazi ukuqhubeka bakhulise izingane zabo.
Iningi leziboshwa zesifazane kuleli jele, ezagwetshelwa ukubulala abayeni bazo nokutholakala nezidakamizwa nokweba ezitolo zezimpahla nezokudla.
UMasutha uphendule ngokuthi, uyafisa ukuthi abanikeze ushwele kodwa zonke izinto kumele zihanjiswe ngokulandela umthethosisekelo wezwe, ongekho ezandleni zakhe.
Mayelana ne-Operation Vala, uMasutha uthe bayisungule ngenhloso yokulwa nokushushumbiswa kwezinto ezingalungile ezifana nemali, amaselula, izikhali, utshwala, izidakamizwa nokunye okungena ngaphakathi emajele kungafanele.
Uthe enye inhloso yalo mkhankaso, bekuwukunqanda iziboshwa ukuthi zingeqi emajele ngoba zimandla kakhulu ekweqeni ngesikhathi samaholide kaDisemba.
“Ezinye zezinto ezenze ukuthi zingakwazi ukweqa iziboshwa, yimidlalo ebesiyihlelile ebingaphakathi emajele,” kusho uMasutha.
Uthe ukungavumeli iziboshwa ukuthi zizibandakanye nemidlalo engaphandle kwamajele, yikona okwenze bakwazi ukunqanda imikhuba eminingi eyisihlava esiholela ekungeneni kwezinto ezingamukelekile ngaphakathi, nezivumela iziboshwa ukuthi ziqhube imikhuba yobugebengu yize zisuke seziboshiwe.
Ngaphandle kweziboshwa ezishushumbiselwa izinto ezingalungile yizihlobo, uthe kunezikhulu eseziboshiwe ngakho ukuba nesandla kulo mkhuba omubi wokusebenzisana neziboshwa.