IZIKHUNGO zezempilo zaKwaZulu-Natal ezihleliwe okwamanje zizokwazi ukumelana nomthamo weziguli ezineCoronavirus.
UDkt Sandile Tshabalala, inhloko yoMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, uthe umnyango uhlele imibhede yokulalisa iziguli engaphezulu kuka-6000.
Okwamanje le mibhede izokwazi ukumelana neziguli ezihaqwe yileli gciwane ezidinga ukulaliswa ezibhedlela.
Izibalo zabahaqwe yileli gciwane zangeSonto zikhomba ukuthi bangu-98 068 abahaqwe yileli gciwane KwaZulu-Natal.
Abahaqwa yileli gciwane ngosuku bangaphezulu kuka-2000. Kuzwelonke bangu-559 858 abahaqwe yileli gciwane, ngosuku bangu-6 670.
Abashonile kuzwelonke bangu-10 408, KwaZulu-Natal bangu-1 409. Abashone ngeSonto kuzwelonke bangu- 198, KwaZulu-Natal bangu-63.
Asebeluleme kuleli gciwane kuzwelonke bangu-411 147, KwaZulu-Natal bangu- 55 065.
UTshabalala uthe iKwaZulu-Natal ilandela iGauteng enabantu abangu-192 767 abahaqwe yiCorona, ngosuku zombili lezi zifundazwe zinabantu abangaphezulu ka-2000 abahaqwa yigciwane.
“Okwenza ukuthi ngithi silandela iGauteng wukuthi izifundazwe zombili ziba nabantu abangaphezulu kuka-2000 abahaqwa yigciwane ngosuku, ezinye izifundazwe zinabantu abangaphansi kwalokho,” kusho yena.
Uqhube wathi uyazi ukuthi abasebenzi bezempilo kabenele ngoba ngaphambi kokuthi kubheduke iCovid-19 bekuvele kushoda kodwa uMnyango wezeMpilo usuqalile ukuqasha abahlengikazi nabanye abasebenzi abadingekayo.
“Sisaqhubeka nokuhlelela leli gciwane okusho ukuthi uma kuba nesidingo sizobuye senze ezinye izinhlelo kodwa izinhlelo ezikhona njengamanje zisilungele isimo samanje. Ngeshwa abasebenzi bezempilo nabo liyabangena leli gciwane lokho kwenza ukuthi isibalo sabasebenzi esinabo sinciphe uma kukhona abahaqwa yileli gciwane,” kusho yena.