Izibhedlela ezimbili zaseThekwini obesekukhona imibiko yokuthi zivaliwe ngenxa yeCovid-19, zithi amanga wodwa lawo.
NgoLwesibili kusabalale izindaba ezinkundleni zokuxhumana ebezithi isibhedlela sakwaNetcare iSt Augustine isiphinde savalwa kulandela ukuthi odokotela abayisithupha behaqwe yicoronavirus.
Le mibiko ibithi labo dokotela bathelele iziguli nabahlengikazi abayisithupha.
Kule mibiko kuvele nokuthi iziguli zakulesi sibhedlela zibe sezidluliselwa eLife eNtabeni, Netcare Parklands nasesibhedlela esiseWestville.
Umyalezo okumanje kuthunyelelwana wona ezinkundleni zokuxhumana
Ngokwesikhulu esiphezulu sakwaNetcare eSt Augustine, uHeinrich Venter, lo myalezo uyadukisa futhi ungamampunge.
"Amanga wodwa lawa..akukho sibhedlela esizovalwa namhlanje. Akukho ziguli futhi ezizoyiswa kwezinye izibhedlela. Azikho iziguli ezitheleleke ngeCovid-19. Le miyalezo esabalaliswa ngoWhatApp ingamanga futhi inobudedengu,"usho kanje.
Uthe lesi senzo sokusabalalisa amampunge siyicala elibomvu ngoba senza ukuthi abantu batatazele kungekho sidingo, ikakhulu abanemindeni nezihlobo ezilaliswe kulezi zibhedlela ezibalwayo.
Nesibhedlela i-Ahmed Al-Kadi Private Hospital, sithe sesazisiwe ngale mibiko engamanga.