Izindaba

Izibalo zobugebengu zixoxa indaba enganambitheki ngeKwaZulu-Natal

sabelo mbatha|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu

Image: SITHUNYELWE

 

SISAKHATHAZA isibalo esiphezulu samacala okubulala KwaZulu-Natal, eGauteng, e-Eastern Cape naseWestern Cape. Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ngesikhathi yena noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uFannie Masemola, bethula izibalo zobugebengu ePitoli, zangoJanuwari 1 kuya kuMashi 1, nonyaka.

IKwaZulu-Natal iphinde yavelela ngamacala athinta ucansi okuhlanganisa ukudlwengula njengoba ebe ngamaphesenti angu-19.9, ilandelwa iGauteng ngawu-19.1.

"Izibhamu zisetshenziswa kakhulu ukubulala kulandele imibese. Enye yezinto eziseqhulwini kuthina ukunciphisa izibhamu ezingekho emthethweni nokuqiniswa kokulawulwa kwezibhamu ezisemthethweni," kusho uNgqongqoshe uMchunu.

Uthe eziteshi zamaphoyisa eziwu-30 ezinezibalo eziphezulu zamacala okubulala, eziwu-13 zibe nesibalo esincane kanti akubanga bikho ushintsho kwezimbili. Udalule ukuthi njengoMnyango sebethole izinto eziseqhulwini okubalwa ukwehlisa izinga lokubulawa kwabantu, ukunciphisa izibhamu ezingekho emthethweni nokuqinisa ukulawulwa kwezibhamu ezisemthethweni, ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo, ukulwa nobugebengu obuhleliwe okuhlanganisa amaqembu ashushumbisa izidakamizwa, ukubanjwa kwezimoto ezithwala imali, ukukhokhisa osomabhizinisi, ukuthunjwa kwabantu, ukulwa nodlame lwamaqembu emigulukudu nenkohlakalo emaphoyiseni nasezweni lonke.

UMchunu udalule ukuthi izibalo zobugebengu zonyaka wonke zizokhishelwa umphakathi ngoSepthemba, kulo nyaka. Khona izolo, uKhomishana uMasemola ukhiphe umbiko wezibalo zobugebengu ngalesi sikhathi. Njengoba isematheni eyezinsolo zokubulawa kwabamhlophe, ikakhulukazi abalimi kuleli, uMchunu uthe ikhona inqubekela phambili kumacala enzeka emapulazini futhi baningi abasolwa asebe boshiwe.

"Sifuna ukuqinisekisa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi amaphoyisa asukumela lonke uhlobo lwamacala futhi ayaphenyisisa ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni buyenziwa ubulungiswa," kusho uMchunu.

Uthe abahlukanisi abantu ngobuhlanga kodwa njengoba kukhulunywa ngokubulawa kwenqwaba yabamhlophe kuyaphoqa ukuthi leli phuzu balichaze ngale ndlela. Uveze ukuthi abalimi ababulawe ngekwata lesine lonyaka bekungabamnyama, hhayi abamhlophe. "Ngaphezulu kwalokho, abasebenzi basepulazini ababili nemenenja yalo bebe mnyama, uyedwa omhlophe obehlala epulazini.

Ekhuluma ngezinsolo zokubulawa kwenqwaba yabamhlophe kuleli osekungenelele kuzo iMelika, uzichithile lezi izinsolo, wathi uMnyango wakhe uyayihlonipha iMelika, izakhamuzi zakhona noMengameli Donald Trump kodwa lezi zinsolo kazilona iqiniso futhi kazinabufakazi. "Asikuphiki ukuthi amazinga obugebengu ezweni aphezulu futhi sikhathazekile. Ubugebengu buthinta wonke umuntu. Kumanje siqinisa impi ebhekiswe ebugebengwini nasezigebengwini," esho.

Uqhube wathi, eNingizimu Afrika kunezinhlangano ezingenzi inzuzo namaziko abezindaba abebe ngeke bathule uma lokhu kwenzeka. UMchunu ukhuluma kanjena nje, ziningi izigameko ezahlukene muva nje okubikwe ngazo ezimayelana nokubulawa kwabantu.

Phakathi kwazo, kubalwa esokubulawa kwabayisishiyagalombili Kwa-U, eMlaza, esokusocongwa kwabesilisa abane eMbumbulu, esokubulawa komshayeli wetekisi esigamekweni esenzeka eHowick. Kuyimanje luyindaba egudwini udaba lowesilisa oboshelwe amacala okudlwengula abafundi baseBizimali, eNkandla.