KUBOSHWE abandawonye ngecala lokubulala nelokuphazamisa ukusebenza komthetho ngemuva kokutholwa kwesidumbu sikamakhelwane wabo ehlathini okusolwa ukuthi ushaywe ngesagila washona ngoba esolwa ngokuloya.
Isidumbu sikaMnuz Masutha Zakwe (58) waseNdondwane eNtambanana sitholwe ehlathini ngoLwesibili.
Kuboshwe owesilisa ngokubulala nodadewabo ngecala lokuphazamisa ukusebenza komthetho njengoba kuthiwa ulekelele umfowabo ukufihla izingubo ezinegazi ngemuva kokubulawa kukaZakwe. Laba kuthiwa bebenuka uZakwe ngokuthi wathakatha uyise, owashona ngokugula eminyakeni edlule.
UZakwe kusolwa ukuthi ushaywe ngesagila waze washona ekade esuka komunye umuzi obekuhlatshiwe kuwo.
Ngokuthola kweSolezwe, uZakwe uhambe emzini wakhe ngoMsombuluko eyolanda isigqoko namanye amadoda, wangabuya ekhaya. Umndeni wakhe ube usumfuna ngoLwesibili, isidumbu sakhe satholwa ehlathini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe:
“Amaphoyisa aseNtambanana abophe abasolwa ababili, owesilisa oneminyaka engu-44 nodadewabo oneminyaka engu-41. Ngokophenyo olusenziwe umufi oneminyaka engu-58 utholwe elimele ekhanda. Kuthiwa wayekade eyophuza utshwala komunye umuzi walandelwa wumsolwa esesuka kuloyo muzi. Kusolwa ukuthi wasebenzisa isagila ukumshaya, wabaleka endaweni yesigameko. Umsolwa wacela udadewabo ukuba amsize afihle izimpahla ezinegazi. Laba bazovela enkantolo yaseNgwelezane maduze,” kusho uCol Mbele.
Izolo kuthintwa indodakazi kamufi uNkk Bongiwe Mhlongo, uthe badumele kakhulu ngokubulawa kukayise ngesihluku.
“Besikhathazekile ngoMsombuluko ubaba engabuyi ekhaya ngoba akuyena umuntu ohamba angabuyi. Baze balala ekhaya bezitshela ukuthi uzoqhamuka. NgoLwesibili sihambile sayombheka, samthola ebulewe. Kusijabulisile ukuba kuboshwe abasolwayo ngokushesha. sesikubeke kuMdali konke ngecala,” kusho uNkk Mhlongo.
Uthe abasazi isizathu sokubulawa kukayise kodwa bayazi ngecala ake avulelwa lona enkosini wumndeni wabasolwa.
Isolezwe lithole ngomthombo ukuthi umndeni wabasolwa wanuka umufi ngokuthakatha ngesikhathi kushona ubaba wabo.
Kuthiwa eminyakeni edlule kushone owesilisa wakamakhelwane owayegula, umndeni wababoshiwe
wasola uZakwe ngokuthi umthakathile.
“Icala laze laya enkantolo yenkosi yafike yalichitha ngoba incwadi yokuhlolwa kwesidumbu sowayeshonile yathi washona ngokwemvelo. Inkosi yathi ayifuni ukuphinde izwe ngalezi zinsolo. Cishe umsolwa ubembambele igqubu njengoba sekwenzeka lokhu nje,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Kuthiwa emuva kwaleli cala, abubanga buhle ubudlwelwane kumufi nabakamakhelwane wakhe.