Izindaba

Izaguga zizowezwa ngendaba amakhaza

Charles Khuzwayo|Published

UMNUZ Comfort Khumalo nesinye isikhulu sikamasipala benikelela omunye wogogo ngengubo yokulala Isithombe:SITHUNYELWE

CHARLES KHUZWAYO

ZIZOWEZWA ngendaba amakhaza kaNtulikazi izaguga zaKwaHlabisa ezithole izingubo zokulala emcimbini wokwethulwa kohlelo lokugqugquzela ukunakekelwa kwabantu abadala.

Lomcimbi obuseMdletsheni, KwaHlabisa ubuhlanganise izaguga zamawadi awu-14 angaphansi komkhandlu iBig 5 Hlabisa.

UNkk Khulum'okusenhliziyweni Mdletshe waseMfanela, ubonge imeya yomkhandlu ngokusukumela phezulu uhlelo lokunakekelwa kwezalukazi namakhehla endawo.

"Sithokoza kakhulu ngokuthola lolu thando esinikwa lona emkhandlwini wakaHlabisa. Sinethemba lokuthi kusekuningi okuhle esizokwenzelwa khona njengoba seluqaliwe lolu hlelo okuhloswe ngalo ukuthi lujabulise thina ngokukhethekile," kusho uNkk Mdletshe.

Imeya kaMasipala waseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, uthe, lolu hlelo luzoqhubeka minyaka yonke futhi bahlose ukuhlomulisa zonke izaguga ezingaphansi kwamawadi omkhandlu.

"Kusemqoka kakhulu ukwedlulisa uthando lwethu kubantu asebekhulile ngokuthi sibaphe izipho besadla anhlamvana. Ngalolu hlelo sifuna bazizwe bebalulekile futhi babone indlela esibathanda ngayo," kusho uKhumalo.