SIDIDE nabezimo eziphuthumayo isigameko sokubulawa komgibeli wemoto ekhokhelwa ngebanga namuhla ekuseni.
Ngokusho kwabe-Emer-G-Med ithimba labo nonogada benkampani i-ET Rapid Response baphuthume emgwaqweni uTacoma eManzimtoti. Bebe bizelwe imoto okubikwe ukuthi imi kabi emgwaqweni, iphazamisa ukuhamba kwezinye.
“Sifike kule ndawo sathola imoto yohlobo lweVW imi phakathi nomgwaqo kukhona umuntu phakathi,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abezimo eziphuthumayo.
Uthe ngesikhathi behlolisisa, umuntu obephakathi esihlalweni esiseceleni kwesomshayeli ubenganyakazi, eseshonile.
Kubonakale izimbobo zezinhlamvu ngasohlangothini lwakhe lwemoto, naye enenxeba lokudutshulwa.
Imbangela yokudutshulwa kwakhe kayaziwa kodwa amaphoyisa abizelwe kule ndawo.