Izindaba

Iyeke isikole ingane edinga ukunikelelwa ngegazi

Zanele Mthethwa|Published

INCIKE kozonikela ngegazi impilo kaSandiswa Njilo, ogonwe unina uNksz Ayanda Njilo Isithombe: Sithunyelwe INCIKE kozonikela ngegazi impilo kaSandiswa Njilo, ogonwe unina uNksz Ayanda Njilo Isithombe: Sithunyelwe

UKUSHODA kwegazi kungashabalalisa ithemba lokuphila entombazaneni yaseMlaza, eThekwini, esiyeke nesikole ngenxa yesifo esingajwayelekile. USandiswa Njilo oneminyaka eyisishiyagalombili, ungomunye wabantu abayizinkulungwane kuleli, abaphila kanzima ngenxa yokushodelwa yigazi. Uphethwe yisifo esibizwa nge-fanconi anaemia, esenza ukuthi iminkantsha yamathambo ingakwazi ukukhiqiza igazi.

UMnuz Xolani Hlongwane oyiDonor Recruitment and Education Specialist kwaSunflower Fund okuyinhlangano ekhuthaza ukunikelela ngegazi, uthe baningi abasenkingeni njengoSandiswa. Uthe umsebenzi wakhe ngaphansi kwale nhlangano wukunxenxa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi banikele. Yize nenhlangano yabo ikhuthaza ukunikelwa kwegazi, okwayo kwehlukile ngoba igxile kwabadinga ukunikelelwa izitho zomzimba.

“Okuhlukile kithina wukuthi abantu abanikeli ngezitho zomzimba ngqo kodwa banikela ngama-stem cells. Umuntu uma edinga isitho esithize, unikelelwa ngama-stem cells okuyiwona avusa leso sitho somzimba asuke esidinga," kuchaza uHlongwane.

UHlongwane uthe inkinga ababhekene nayo wukuthi abamnyama bamanqika ukunikela ngenxa yezinkolelo zabo namasiko.

Uthe lokhu kuyabalimaza ngoba yinqwaba egcina inganikelelwa kwabamnyama ngoba kudingeka abohlanga olufana nabo. Uveze ukuthi banabantu abangu-75 000 ababhalisele ukunikela ngegazi enhlanganweni yabo.

“Lokhu kungazwakala njengesibalo esikhulu kanti lutho. Umuntu ukuze anikelelwe kudingeka onegazi elifana ncamashi nelakhe. Kuyenzeka kubhekwe ohlwini lwabanikelayo kodwa angatholakali elizohambisana nelakhe," kusho yena.

UKHUTHAZA abamnyama ukuthi babhalisele ukunikela ngegazi uMnuz Xolani Hlongwane oyiDonor Recruitment and Education Specialist kwaSunflower Fund. Isithombe: Sithunyelwe

UHlongwane uthe okubakhathazayo wukuthi bayanda abamnyama abenezifo ezihlobene negazi kodwa bayafa ngoba beswele abazobanikelela.

Ugcizelele ukuthi akudingeki ozonikela ahlinzwe ngoba kufuneka igazi kuphela. Kwabanikelayo kudingeka bangabi nazifo, babe neminyaka ephakathi kuka-18 no-45. Uveze ukuthi akuvumelekile ukuthi onikelile abonane nalowo amnikelele.

Lokhu bakuvumela kuphela emuva kweminyaka eyisihlanu futhi kudingeka imvume yalowo onikelelwe.

Yize izwe libhekene nothaqa, uHlongwane uthe bakhuthaza ukuthi abafuna ukunikela babhalise imininingwane yabo ephelele namakheli enombolweni kaWhatsApp ethi: 074 715 0212. Inhlangano yabo izoxhumana nabo bahlele ukunikela okwenziwa mahhala uma sekudlule uthaqa.