ABOMGENI Water bathi kuzophela ukuhluphekela amanzi eThekwini. Isolezwe belihambele Esixabeni, eClermont, Ntuzuma, Hammarsdale naseMlaza lapho abantu bebema kolayini abade bokukha amanzi Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA
KUZOPHELA maduze ukuswela amanzi kubantu baseThekwini nezinye izindawo ezincike kuMgeni Water njengoba le nkampani isize nezinhlelo zokuthumela amanzi yize ingqalasizinda yayo imoshwe yizikhukhula.
UMnuz Shami Harichunder, obhekelele ezokuxhumana eMgeni Water, uveze ukuthi amanzi esikhungweni esibizwa ngeDurban Heights ayangena njengoba benze isiqiniseko sokuthi basebenzisa amanye amapayipi ukuwangenisa.
IDurban Heights iphakela iTheku ngamanzi kusukela ezindaweni ezisenyakatho, eziseningizimu, ezisenkabeni yedolobha nalezo ezisentshonalanga.
Uveze ukuthi imvula imoshe amapayipi abo emuva kokuthi kuwe amatshe amakhulu. Amapayipi amoshekile athumela amanzi angamalitha awu-100 million ngosuku nawu-150 million ezindaweni ezihlukene.
“Okwamanje sisebenzisa amanye amapayipi ukuthumela amanzi awu-200 million litres njengoba sinezingqinamba zokufinyelela kuwo wonke amapayipi amoshekile. Sithatha amanzi edamini Inanda kungene amalitha awu-100 million eDurban Heights, sisebenzisa amaphampu. Abasebenzi bethu basebenza nsuku zonke ukuze isimo sibuyele kwesijwayelekile,” kusho uHarichunder.
Uveze ukuthi kwezinye izindawo bebesebenzisa izindiza ezinophephela emhlane ukuze bafinyelele kwingqalasizinda yabo emoshekile.
Kulindeleke ukuthi ngeSonto kube sekwaziwa wonke umsebenzi okumele wenziwe wosonkontileka ukuze kulunge yonke ingqalasizinda.
Ezindaweni ezisenyakatho yeTheku, uthe amanzi sebeyawathumela njengoba esehlanzekile.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesithathu oludlule kwama ukuthunyelwa kwamanzi ezindaweni ezisenyakatho yeTheku nalezo ezingaphansi kukaMasipala Ilembe ngenxa yokuthi ayengcolile.
UHarichunder uveze ukuthi amanzi sebewakhucululile futhi aseyathunyelwa ezindaweni eziwalindile okubalwa iNdwedwe, Ballito nezinye.
Uthe kwezinye izindawo bawanqamulile amanzi ngoba bephephisa umphakathi emuva kokumosheka kwengqalasizinda kodwa benza konke okusemandleni ukulungisa isimo.