ZIVULWA ekuqaleni kwenyanga ezayo izigcinamagugu nemitapo yolwazi KwaZulu-Natal, okwavalwa elakuleli limisa ukusebenza kwezinto ngoMashi ngenxa yokubheduka kwegciwane iCorona.
Njengengxenye yokuxegiswa kwemithetho yomvalelandlini kuleli, uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo Amasiko noBuciko, kuzwelonke uMnuz Nathi Mthethwa unikeze lesi sifundazwe imvume yokuthi ngo-Okthoba 1 kuqale kuvulwe lezi zikhungo kodwa kwenziwe ngokucophelela ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane.
Lokhu kulandela ukuthi lo mnyango esifundazweni ufake isicelo sokuthi zivulwe lezi zikhungo.
UNkk Hlengiwe Mavimbela onguNgqongqoshe walo mnyango KwaZulu-Natal, uthe bakwemukele ukuvunyelwa kokusebenza kwalezi zikhungo.
“Esikubheke kakhulu wukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi nabantu abavakeshela izikhungo zethu, okuyisona sizathu esenza sasebenzisa nomasipala ukubheka izindlela ezehlukene zokuqinisekisa ukuphepha ngaphambi kokuthi sifake isicelo,” kusho uMavimbela.
Ngesikhathi elakuleli lingena esigabeni sesithathu eseluliwe ngoJulayi, uMthethwa wamemezela ukuthi iminyango engaphansi kowakhe ezifundazweni, kumele ithumele incwadi emnyangweni kazwelonke ecacisa ngamaqhinga ezowasebenzisa ukuvula lezi zikhungo ezobe iveza nemigudu ezoyilandela ukugwema ukubhebhetheka kweCorona.
UNkk Mavimbela uthe emasontweni edlule umnyango wakhe uhlolisise izikhungo ezingu-300 ubheka amaqhinga azosetshenziswa ekugwemeni ubhubhane, wagculiseka ukuthi izikhungo sezikulungele ukuvakashelwa. Umnyango wakhe ngokubambisana nabo bonke omasipala wendlale imigomo okumele ilandelwe uma kuvulwa izikhungo.
Imitapo yolwazi emincane izovunyelwa ukwamukela abantu abangu-10 ngesikhathi, ephakathi nendawo yemukele abangu-25 bese kuthi emikhulu yemukele abangu-50.
Lo mnyango uphinde wazinikela ukuthi uzolekelela ngezinto zokuzivikela leli gciwane ukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi nabazobe bezivakashele, uma kukhona imitapo yolwazi eveza ukuthi ishodelwa yizo.
Zizovunyelwa izivakashi ukubuka ezindaweni zokugcina amagugu kodwa ngesikhathi zihamba zibuka , ngeke ziphelezelwa.