KUBUKEKA sengathi kuqala phansi ukuchukuluzana kukaKhuzani neGcokama Elisha.
Lokhu kugqame ngesikhathi kuvela ukuthi Igcokama lizokwenza umcimbi ngoMashi 30, okuwusuku uKhuzani azoba nomcimbi ngalo wokugcwalisa iMoses Mabhida Stadium.
Igcokama seliveze ukuthi lizoba nomcimbi Indlabeyiphika Maskandi Festival ngoMashi 30, eGoli enkundleni yezemidlalo esazomenyezelwa.
Igcokama limemezela lokhu nje, uKhuzani usemkhankasweni womcimbi wakhe obizwa nge#Gcwalisa iMabhida ozoba ngosuku olufanayo.
UKhuzani usenesikhathi amemezela lesi sifiso sakhe ethi ngeke umaskandi wehlulwe eminye iminxa yemiculo. Uzibophezele ngokuthi inkundla iMoses Mabhida izogcwala ivale ngomuntu ngalolu suku.
Kungase kuphazamiseke umcimbi kaKhuzani njengoba neGcokama Elisha lizokwenza owalo ngosuku olufanayo Isithombe: KHUZANI/ INSTAGRAM
Igcokama lithi belizihlelela umcimbi walo lingazi nokuthi kukhona okaKhuzani.
“Umcimbi engike ngezwa ngawo oseMabhida ngalolo suku owe-ANC. Bengingazi ukuthi kukhona omunye,’’ kushaya Igcokama ngamafuphi. Libuzwa ngokubiza lo mcimbi ngowe-ANC, uthe akafuni ukwanda kakhulu kodwa intatheli kufanele isheshe izifundele kwezayo ukuthi uthini.
UKhuzani uthe ubengakezwa ngalo mcimbi weGcokama kodwa wacela ukuthi udaba ludluliselwe kwimenenja yakhe. Bobabili laba baculi bayizilomo futhi baphusha amacwecwe abo amasha. Igcokama lisanda kukhipha icwecwe elithi Ubisi kanti uKhuzani usanda kudedela eyakhe ethi Inhlinini Yoxolo Part 2.