Izindaba

Iyaqhubeka inkonzo yesikhumbuzo kaLungi Mnganga-Gcabashe

Nonkululeko Nhlapo|Published

IYAQHUBEKA inkonzo yesikhumbuzo sephini likamengameli we-ANCWL uLungi Mnganga-Gcabashe

Image: ANCYL/FACEBOOK

KUGQAME umoya wobumbano nokuthula enkonzweni yephini likamengameli wegatsha labesifazane ku-ANC, uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe, eDurban Playhouse, eThekwini.

UNkk Mnganga-Gcabashe odabuka KwaMashu, obengunkosikazi kaMnuz Sipho Gcabashe owayengunobhala we-ANC KwaZulu-Natal, udlule emhlabeni ngoMgqibelo owedlule.

Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uchaze uNkk Mnganga-Gcabashe njengomunye wabesifazane abahambe kahle kodwa abawuthwala umlilo wobulungiswa.

Uthe ukuthi ubesesikhundleni esiphezulu bekungasho lutho kuye njengoba ezikhundleni abenikwe zona okubalwa esikasihlalo wekomiti lePhalamende elibhekele amaBhizinisi kaHulumeni, adlule emhlabeni esibambile nesikasihlalo wekomiti lezokuVakasha, usebenze ngokuthembeka nangokuzikhandla.

I-ANC eThekwini ibe nenkonzo yakhe yesikhumbuzo ebibanjelwe KwaG Hall, KwaMashu, ngaphansi kwegatsha lakhe iCurnick Ndlovu Zone, ngoLwesithathu, njengoba namhlanje kunenkonzo enkulu ePlayhouse.

I-ANC eThekwini ibe nenkonzo yakhe yesikhumbuzo ebibanjelwe KwaG Hall, KwaMashu, ngaphansi kwegatsha lakhe iCurnick Ndlovu Zone, ngoLwesithathu.

Image: x

I-ANC eThekwini ibe nenkonzo yakhe yesikhumbuzo ebibanjelwe KwaG Hall, KwaMashu, ngaphansi kwegatsha lakhe iCurnick Ndlovu Zone, ngoLwesithathu.

Image: X

Unconywe kakhulu ngokuba wumgogodla wenhlangano, eqhakambisa kakhulu ukuthula nobumbano. Owayengungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele ubonge kakhulu umndeni nezihlobo zikaGcabashe, emchaza njengomuntu ubegqamisa kakhulu ukuthula.

IYAQHUBEKA inkonzo yesikhumbuzo kaLungi Mnganga-Gcabashe eThekwini

Image: ANC/X

INKONZO yesikhumbuzo kaLungi Mnganga Gcabashe ihlanganise omakadebona baka-ANC ePlayhouse, eThekwini.

Image: ANCYL/facebook

UNokuzola Nomsisi Tolashe ongumengameli wegatsha labesifazane ku-ANC unikele ezinkundleni zokuxhumana wathi: "Namuhla sihlangene ngezinhliziyo ezibuhlungu, sihlonipha futhi sikhumbula impilo kanye nefa lephini lethu likamengameli elihloniphekile. Ukuzinikela kwakhe, ubuholi, nokuzinikela kwakhe okungantengantengi ezweni lethu. Njengoba sikhumbula amagalelo akhe, ake sicabange ngombono wakhe okhuthazayo futhi siqhubeke nokusekela izimiso zakhe. Sengathi umphefumulo wakhe ungathola ukuthula kwaphakade futhi sengathi singathola amandla enkumbulweni yakhe njengoba sisebenzela ikusasa eliqhakazile. Lala ngokuthula kwiphini likamengameli Lungi Annette Mnganga-Gcabashe."