USHISA bhe umbango wokuhola uKhongolose esifundazweni iGauteng njengoba iqala namuhla ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha.
Lesi sikhundla sibhekwe ngabomvu yisekela likasihlalo uMnuz Panyaza Lesufi okuthiwa wesekwa usihlalo ophumayo, nalowo owayengumholi wophiko lwentsha kulesi sifundazwe uMnuz Lebogang Maile.
Le ngqungquthela eseLakes Hotel Benoni kulindeleke ukuthi igoqwe ngeSonto. Namuhla, kuzobe kubhaliswa amalungu ale nhlangano ayingxenye yayo.
Ekhuluma nabezindaba, uLesufi uthe konke sekumi ngomumu ngengqungquthela. Uthe okubaluleke kakhulu ukwakha kabusha inhlangano kunokubheka amavoti.
Ubuholi besifundazwe buthe ingqungquthela izogxila kwezomnotho nasekusebenzeni kukahulumeni wesifundazwe.
“Sithathe isinqumo njengobuholi sokuthi siqale ingqungquthela ngonyawo oluhlukile kunalokhu esikujwayele,” kusho uMnuz Jacob Khawe onguNobhala we-ANC eGauteng.