IYAPHUMA imiphumela yabafundi ababhale izivivinyo zokuchibiyela u-matric ngoMeyi noJuni kulo nyaka.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe abafundi ababhale lezi zivivinyo bangaqala ukulanda imiphumela yabo ezikhungweni ababhalele kuzona.
Uthe imiphumela iyakhishwa kusuka namhlanje.
“Ababhale lezi zivivinyo abalande imiphumela yabo njengoba kusasa (namhlanje) izodedelwa. Kumele baphathe omazisi babo uma belanda le miphumela,” kusho uMhlanga.
Uthe labo ababhale lezi zivivinyo bazovunyelwa ukuthi babhalisele ezikaNovemba, nonyaka.
“Akuwona wonke umuntu ozokwazi ukubhalisela lezi zivivinyo ezibhalwa uwonke wonke ngoNovemba. Labo abangazange babhale ngoMeyi/Juni, ngeke bakwazi ukuzibhalisela. Kodwa kuzobhalisa kuphela labo ababhalile,” kusho uMhlanga.
UMhlanga uthe bazonaba kabanzi nangezinye izinto uma sebekhipha isitatimende ngalezi zivivinyo.
Bangu-279 000 abafundi ababhale lezi zivivinyo ezaziwa ngethuba lesibili.
Ababhalile abafeyile u-matric nyakenye noma labo abebephucula imiphumela yabo.
Umnyango waseka ababhalile ngokubafundisa ezikhungweni ababehlelelwe zona ukuze bakwazi ukwenza kahle.
Bathole nezinsiza-kufunda okubalwa izincwadi zokufunda kanjalo namaphepha amadala ayebhalwe kuleli banga.
Phambilini, umnyango wanxenxa abafundi ababebhalisele ukubhala lezi zivivinyo ukuthi baye kobhala ngoba abanye bebebhalisa bese bengayi.
Abangeneme ngemiphumela yabo bangakwazi ukufaka isicelo sokuthi banikwe ithuba lokuthi babheke iphepha abalibhalile ukuthi limakwe kahle noma bafune ukuphinde bamakelwe kabusha.
Kubiza uR110 ukuphinde umakelwe isifundo ngasinye, kanti uma ufuna ukubheka ukuthi ubhale kanjani kubiza uR27 isifundo ngasinye.