IYAPHELA imali yokusiza abasebenzi abancishiselwe imiholo nalabo akade besamile emsebenzini ngenxa yeCovid-19. Ngeke isatholakala ezinyangeni ezizayo.
Lezi zindaba zimenyezelwe ngabe-Unemployment Insurance Fund (UIF) ngesikhathi bechaza ukuthi iCovid-19TERS bekuwuhlelo lokusiza ukuhlenga imisebenzi nokulekelela izinkampani ebezivaliwe ngesikhathi izwe livalwe ngokwesigaba sesihlanu nesesine.
UMnuz Makhosonke Buthelezi obhekelele ezokuxhumana kwi-Unemployment Insurance Fund uthe iCovid-19 TERS ibizobhekela abasebenzi izinyanga ezintathu kuze kube kuvulwa umnotho emikhakheni eyehlukene okwenzekayo esigabeni sesithathu.
Ebuzwa ukuthi kuzokwenzekani kubaqashi abazohluleka wukuholela abasebenzi ngoJulayi noma labo abashayekile.
“Uma abaqashi besabhekene nesimo esinzima noma izinkampani zabo sezivuliwe kufanele bafake isicelo sokulekelwa esijwayelekile esaziwa ngokuthi iTemporary Employer-Employee Relief Scheme kunokuthi badilize abasebenzi. Izicelo zokulekelwa zithunyelwa kwiCommission for Conciliation Mediation and Arbitration (CCMA).
“Kuba nemibandela ngoba abasebenzi kufanele bavume ukuthi ngeke besaholelwa umholo wabo ojwayelekile kodwa bazokwamukela isibonelelo abasitholayo, baphinde bahlonyiswe nangamanye amakhono. Imali ivamise ukuba wu-75% womholo wabo, ayidluli kuR17,119.44,” kusho uButhelezi.
Uthe izinkampani ezithola uxhaso ziyazibophezela ukuthi ngeke zibadilize abasebenzi esikhathini esiphakathi kwezinyanga eziyisithupha kuya kweziwu-12 ize inkampani ibuyele esimeni.
Abantu abafake izicelo ze-UIF eziywalekile uthe bazoqhubeka nokuthola imali yabo, ukumiswa kweCovid-TERS akusho ukuphazamiseka kwezinye izicelo ezijwayelekile.
Ubalule ukuthi imali yabo ebhekelele abadiliziwe, abasekhefini lokukhulelwa nabagulayo ikhona futhi abantu bazokhokhelwa.
UMnuz Neil Roets wenkampani esiza abacwile ezikweletini iDebt Rescue udonse ngendlebe abantu ukuthi bazame ukuphila ngokwamandla abo bayeke ukuthenga izinto ezingenasidingo.
Uthe ukuncipha kwamaholo ngenxa yeCovid-19 nokunyuka kukaphethroli nemali yokugibela kuzozwela kubantu kodwa kufanele bathole indlela entsha yokuphila.
Ubanxuse ukuthi banciphise izindleko, baxoxe nabantu ababakweletayo.
Uveze ukuthi baningi abantu abacela usizo lwezikweletu futhi ulindeleke ukuthi isibalo sabaswele umsebenzi sinyuke sifinyelele ku-50% ngakho abantu ababophe izifociya.