BABHEKENE ngeziqu zamehlo abaseka umengameli Cyril Ramaphosa ngokuputshuka kwemininingwane ngezimali ezazinikelelwa umkhankaso wakhe wokuba ngumengameli we-ANC ngo-2017 obizwa ngeCR17.
NgoLwesihlanu i News24 ibike ukuthi isazi sezobuchwepheshe uMnuz Alexio Papadopulo usolwa ngokuba nesandla ekuputshukeni kwemininingwane yeCR17 yangasese.
UPapadopulo kubikwa ukuthi wayengesinye sezithenjwa zikaRamaphosa ngesikhathi esembhidlangweni wokuba ngumengameli wenhlangano ebusayo. Manje kubikwa ukuthi usephenywa abophiko lwamacala abucayi kuleli, oKlebe, ngokuputshuka kwama-email eCR17. Ngaphezu kwalokho kubikwa ukuthi ukusolwa kwakhe sekudala ukuthi babhekane ngeziqu zamehlo nenhloko yonogada baRamaphosa uMnuz Wally Rhoode, okusolwa ukuthi phambilini wayesondelene noPapadopulo.
Ngokombiko, kuvela ukuthi uPapadopulo ubesebenzisana noKlebe ngesikhathi kuqala uphenyo ngokuputshuka kwale mininingwane.
Akugcina ngokuputshuka kwama-email kaRamaphosa kuphela nje kodwa nezitatimende zemali eyayingena uphuma kuma-akhawunti eCR17 zanekelwa izwe lonke kuvela amagama abantu ababenikela emkhankasweni nalabo ababethola imali. UPapadopulo kuvela ukuthi wakhokhelwa uR4.8 million ukuze aqinise ezokuphepha kwezobuchwepheshe kumkhankaso weCR17.
Kuvela ama-email kaRamaphosa nje ngumbiko woMvikeli Womphakathi u-Adv Thuli Madonsela oqhumbuze ithumba ngezinsolo zenkohlakalo ngesikhathi ephenya ngomnikelo kaR500 000 owawuvela kwisikhulu seBosasa uMnuz Gavin Watson, ongasekho emhlabeni. Lokhu kulandela isikhalo seDA ePhalemende isola uRamaphosa ngokukhohlisa iPhalamende ngalo mnikelo.