INHLANGANO yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), ithi imigomo ephephile namakhambi kubaluleke kakhulu yize iqonda ukuthi iCovid-19 ibeka engcupheni impilo yabantu nezomnotho.
I-WHO iphawule kanje ngemuva kokuthi uMengameli waseRussia uMnuz Vladimir Putin ngoLwesibili, ememezele ukuthi leliya zwe lingelokuqala emhlabeni ukuthola umgomo wokuvikela iCovid-19 futhi umgomo usubhalisiwe ngokomthetho ezweni lakhe.
UMnuz Tarik Jasarevic okhulumela iWHO, uthe leli gciwane libeka engcupheni impilo yabantu nomnotho kodwa kubalulekile ukuthi kubhekwe nokuphepha komphakathi.
“Kubalulekile ukuthi uma sibeka imigomo yezempilo sibeke esiyaziyo ukuthi izosebenza kuzo zonke izikhungo zezempilo zikahulumeni.
“Ngaphezu kwalokho sisadinga ukuthi sitshale imali sithuthukise ezokuphepha emakhambini nemigomo esiyibona sengathi iyasebenza ukuze sikwazi ukunqanda ukusabalala kwezifo ngesikhathi esizayo,” kusho uJasarevic.
Lo mgomo usungulwe yiGamaleya National Research Center.
UPutin uthe umnyango wezempilo ezweni lakhe usuwubhalise ngokusemthethweni yize abanye ososayensi bebona sengathi bayagagamela.
Bathi bekumele kulindwe kuze kuhlolwe ukuthi uphephile kuphinde kuphothulwe nesigaba sokugcina sokuhlolwa kwawo esingakapheli.
“Siyasebenzisana nohulumeni waseRussia, siyawubonisa ngokuthi kusamele kwenziwe ezinye izihlelo zokuthi lo mgomo ubhekisiswe ukuthi ngempela uphephile.
“Ukuhlolwa kokuphepha komgomo kudinga izigaba ezehlukene zokuwucubungulisisa, “ kuchaza uJasarevic.
Uqhube wathi uma usucutshungulisisiwe izinhlaka ezihlola ezokuphepha kumele zime ngomumo ziwuhlole ukuthi uphephe kangakanani ngaphambi kokuba usetshenziswe.
UJasarevic uthe iWHO ibheka konke ukuhlolwa kwemigomo yeCovid-19 okwenziwa emazweni ahlukene.
“Njalo ngesonto siyabheka ukuthi umgomo ngamunye usukusiphi isigaba. Ingu-25 imigomo ehlolwayo esisesigabeni sokuhlolwa ukuthi iphephile yini, engu-139 isesigabeni esandulela leso,” kusho yena.
Uthe iWHO inohlelo lokuthi ucwaningo olwenziwayo ngemigomo yeCovid-19 emazweni ehlukene, luphuthunyiswe.
“Siyaweseka amazwe ngokuthi kwakhiwe ingqalasizinda yokukhiqiza leyo migomo uma isiphase zonke izigaba, ukuze ngo-2021 izinhlelo zonke zibe sezimi ngomumo,” kusho uJasarevic.
UPutin ukushaye indiva ukwelulekwa ngezokuphepha kwalo mgomo okuthiwa uhlolwe izinyanga ezimbili kubantu.
Umemezele ukuthi umgomo uzobe usutholakala kuleliya lizwe emasontweni amabili azayo.