USADIDEKILE umndeni wamawele aseMvutshini, eManguzi, okuthe entathakusa yayizolo elinye lagwaza elinye lafa kubangwa intombi yomzala wawo.
UBonginkosi Mthembu (30) ugwazwe wafa yiwele lakhe ebelifuna ukuhamba liye ekhaya nentombi yomzala walo abahlangane nayo endaweni yobumnandi.
Ngokuthola kweSolezwe ngephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, iwele okuthiwa libulele kuvela ukuthi lingumuntu ohluphayo ekhaya, ikakhulukazi uma libukhile.
“Umsolwa kuvela ukuthi ubehamba nomzala wakhe besejoyintini. Ube eseqasha imoto ngoba efuna ukuhamba nentombi yomzala wakhe ebeseyeqiwe izinkamba zikaFaro. Imoto uyitholile wathatha intombi yomzala wakhe wayigibeza kuyo bahamba,” kusho iphoyisa.
Liqhuba iphoyisa lithe umzala walaba uthe ebona ukuthi intombi yakhe isihambe nomsolwa kula aphuthume khona ekhaya eseyobafuna.
“Ubaficile ekhaya intombazane ilele, kwasuka umsindo kwaze kwavuka unina noyise bezokhuza ingxabano. Umzala wakhe ubatshelile ukuthi umsolwa uhambe nentombi yakhe. Umufi naye uqhamuke kusenjalo wakhuza obekwenzeka kanti usegadlile kumsolwa zathathana. Umsolwa uthathe ummese wamgwaza waphelela khona lapho,” kuchaza iphoyisa.
Lithe ngemuva kwalokho umsolwa akukho akwenzile ngoba ubedakiwe kwaze kwafika amaphoyisa.
“Kube nzima ngisho ukukhuluma naye njengoba ubephuzile. Nentombazane ivuke sekuqhuma isililo ingazi nokuthi ikuphi,” kuchaza iphoyisa.
Uyise wamawele, uMnuz Simon Mthembu, uthe imphathe kabi indaba yokulimazana kwamadodana akhe.
“Lo obulele iwele lakhe ubengumuntu ohluphayo kakhulu uma ephuzile. Wake wakhiphela unina ummese ngenxa yakho njalo ukweqisa ezinkambeni. Umufi ubezithulela ephansi engayithandi impi,” kuchaza yena.
Uthe uvuke sekunomsindo emzini wakhe umsolwa eselwa nomzala wakhe kubangwa intombazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile lokhu wathi kuvulwe icala lokubulala. Uthe umsolwa uzovela namhlanje enkantolo kaMantshi yaseManguzi.