Izindaba

Ivuselelwe kabusha i-website yeMK

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUTHIWA isibalo esiningi sabantu abebezama ukubhalisela ubulungu kwi-website yeMkhonto Wesizwe Party yikona okuyenze yahluleka ukusebenza ngempelasonto Isithombe: MK Party/X

KUTHIWA isibalo esiningi sabantu abebezama ukubhalisela ubulungu kwi-website yeMkhonto Wesizwe Party yikona okuyenze yahluleka ukusebenza ngeMpelasonto.

NgoMgqibelo, iNingizimu Afrika ibigubha uSuku lokuBuyisana ngezindlela eziningi ezweni lonke. Ngesikhathi eSoweto abezindaba nabathandi bebehlanganyele esithangamini esibizwe yilowo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ehholo iYMCA elise-Orlando East.

Owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, osanda kuphumela obala ngokweseka iqembu elisha iMkhonto Wesizwe Party yize ethi ngeke ayishiye i-ANC isithombe: X

Lapha uZuma ufike waveza into edide abaningi ngokuthi akazukukhankasa ne-ANC eholwa wuCyril Ramaphosa.

NgeSonto ntambama kuvele ukuthi i-website yaleli qembu elisha elesekwa nguZuma ibhidlike kaningi ngenxa yokuhluleka ukumumatha isibalo sabantu abaningi abathuthelane kuyo bezama ukubhalisela ubulungu ngobuchwepheshe besimanje.

Kuse ngoMsombuluko leli qembu selinameke ezinkundleni zokuxhumana i-video ebonisa ukuthi sebeyivusile i-website futhi isiyasebenza.