IWILE indawo yokudlela ephethwe wumndeni kaMnuz Adam Catzavelos owabiza abamnyama ngama-k*&*%$ ngesikhathi eseholidini.
Izolo, iThe Smokehouse Grill eseBraamfontein eGoli ithe iphoqeleke ukuthi ivale ngenxa yokuthi ibingasayenzi inzuzo.
Ukuvalwa kwayo kusho ukuthi abasebenzi abangu-29 bazophelelwa wumsebenzi.
Esitatimendeni iThe Smokehouse Grill ithi imibhikisho ye-EFF nayo ibe nomthelela ekuvalweni kwale ndawo.
“I-EFF ibisabisa abasebenzi bethu namakhasimende. Imashe ngoSepthemba 6 yize ngo-Agasti 21 sase simxoshile u-Adam kodwa i-EFF iqhubekile nokumasha. Asikaze sisebenze kahle emuva kodaba luka-Adam besilokhu silahlekelwa yimali. Sithathe isinqumo sokuvala ngoba ayisangeni imali. Abantu abawu-29 bazolahlekelwa wumsebenzi,” kusho iThe Smokehouse esitatimendeni.
AbaseSmokehouse baphethe ngokuthi abahambisani nokucwasa nobandlululo.
Imizamo yokuthola abe-EFF ukuba baphawule ngodaba ayiphumelelanga njengoba ucingo lomkhulumeli wayo kuzwelonke belukhala lungabanjwa.