UMPHAKATHI wesizwe seNkosi uMangosuthu Buthelezi, eMahlabathini usathukile ngokutholakala kwezidumbu zabesilisa ababili zilahlwe esigangeni.
Izidumbu, okungesikaMnuz Somiso Mbatha (42) noMnuz Dlumuzi Nkosi (72), zitholwe zilahlwe ezindaweni ezehlukene, kodwa ezingaphansi kweNkosi uButhelezi.
“Namanje sisethukile ngoba laba bantu batholwe ngosuku olulodwa kodwa ngezikhathi ezahlukene. UMbatha utholakale elahlwe esigodini saseMhlahleni ngehora lesithathu kwathi uNkosi watholakala ngehora lesithupha esigodini saseMeke. Asazi noma babulewe balahlwa noma kwenzekeni ngoba abanawo amanxeba akhombisa ukuthi badutshulwa noma bashayiwe,” kusho ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa.
Okuthusa kakhulu umphakathi wukuthi awusazi ukuthi uphephe kangakanani njengoba kungacaci ukuthi uNkosi noMbatha babulawe yini.
“Sesithemba ukuthi ukuhlolwa kwezidumbu kuzosilekelela ukuze kucace ukuthi badlisiwe yini noma babulewe ngenye indlela uma kungukuthi babulewe,” kusaqhuba ilungu lomphakathi.
Lithe le ndawo nakuba iba nazo izigameko kodwa ukubulawa kwabantu okufuze lokhu bayakuqala.
Isolezwe alikwazanga ukuxhumana nemindeni yabashonile ngenxa yokuthi izinombolo zabo zigcine zingatholakalanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe okwamanje akekho umuntu osaboshiwe ngokufa kwalaba ababili.
“Kutholwe izidumbu zamadoda amabili okungesikaMbatha nesikaNkosi ezindaweni ezehlukene eMahlabathini. Lezi zidumbu bezingenawo amanxeba okulimala. Amaphoyisa asaphenya ngembangela yokufa kwabo,” kusho uColonel Mbele.