KUBANJWE umoya ngabaNtwana basendlunkulu abaqavile, okuvela ukuthi baxinwe wukugula.
Kubikwa ukuthi uMntwana uMbonisi Zulu, noMntwana uThembi Zulu-Ndlovu, baxinwe wukugula. Bobabili badume ngokuphikisa ukuqokwa kweSilo, uMisuzulu kaZwelithini.
Kuvela ukuthi uMntwana uThembi welashelwa egunjini labagula kakhulu esibhedlela, esiseNewcastle. Ngokwemithombo yasendlunkulu, uMntwana uThembi ungeniswe esibhedlela isimo sisibi impela. Kuvela nokuthi uMntwana uMbonisi, ukugula kumhlasele ngesonto eledlule kanti welashelwa ekhaya.
Okhulumela indlunkulu uMntwana uThulani Zulu, akazange aphumele obala ngokugula kwalamalungu amabili asendlunkulu.
“Ngeshwa angikaze ngibe sekhaya, bengilokhu ngiseThekwini. Nami lento ngiyizwa ngabezindaba. Ngeke ngikwazi ukuyiqinisekisa ngoba angikayitholi kahle,” kuphendula uMntwana uThulani Zulu.
Umthombo osendlunkulu uthe into edala kube netwetwe ngokugula kwala mazinyane eSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, wukuthi kulo nyaka baningi abantwana basendlunkulu asebeguqile.
“Kahle, kahle, ifu elimnyama liqale ukugubuzela indlunkulu ngonyaka owedlule. Kuqale kwaba uMntwana uLethukuthula. Kulo nyaka izinto zivele zabheda kakhulu ngoba kuhambe iSilo (Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu) neNdlovukazi (Shiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu).
“Emva kokutshalwa kweSilo neNdlovukazi, kuphinde kwashona abanye abantwana basendlunkulu okubalwa kubo noMntwana uThiza Zulu. Ngakho sekuyathusa ukugula komuntu.”
Bobabili abaNtwana uMbonisi noThembi, bahamba phambili ekuphikiseni ukuqokwa kweSilo. Indlunkulu ihlukene phakathi ngokuthi ngubani okufanele angene ezihlangwini zikaMdlokombane, njengoba kukhona abaphakamisa uMntwana uSimakade Zulu.
Kuphinde kube khona abaphakamisa uMntwana uNhlanganiso Zulu kanti abanye baphakamisa uMntwana uNhlendlayenkosi Zulu.