Izindaba

ITiger Brands izokhokha isinxephezelo kwabahlatshwa yi-listeriosis

Nonkululeko Nhlapo|Published

Tiger Brands

Image: SIGCINIWE

INKAMPANI yokudla iTiger Brands ngoMsombuluko iveze ukuthi izonxephezela izisulu ze-listeriosis.

Lokhu kuthathwe njengesinqumo esikhulu esithathiwe kusukela kwabheduka lesi sifo ngo-2017 esadlula nemiphefumulo yabangu-200 kwagula abangaphezu kuka-1,000.

Lesi siphakamiso senziwe abameli abamele inkampani yomshwalense ehola iTiger Brands, i-QBE Insurance Group Limited, ngo-Ephreli 25, eyakhipha isiphakamiso sokunxeshezelwa kwabafake izicelo ezithile abaphethwe yi-listeriosis, kusho inkampani esitatimendeni.

Isiphakamiso samanje sigunyaza isinxephezelo esigcwele kwabafake izicelo zawo wonke amademeshe aqinisekisiwe, kuncike endleleni yokukhokha okusadingeka ukuba iphothulwe - okuhlanganisa nokuthi amademeshe azohlolwa kanjani.

Ukuze kuvikelwe isithunzi sabantu abathintekayo okuyibona abafake izicelo zokukhokhelwa, ayikho imininingwane yomnikelo kanye/noma inkokhelo ezokhishwa esidlangalaleni, kusho inkampani.

"Isimemezelo sanamuhla simele igxathu elibalulekile futhi silandela maduze ezinyathelweni esezivele zathathwa ngoFebhuwari 2025 zokuhlinzeka usizo lwesikhashana ngendlela yokukhokha kulabo abahlonziwe abanezidingo eziphuthumayo zokwelashwa," kusho uTjaart Kruger, isikhulu esiphezulu kwaTiger Brands, esitatimendeni.

NgoJanuwari 2017 kwaqubuka isifo i-listeriosis, isifo esitholakala ngokudla, okuyinto eyenzeka eNingizimu Afrika okwathi uma kulandelwa umsuka waso wakhomba ngqo efemini eyayiphethwe yinkampani engaphansi kwe-Tiger Brands ngaleso sikhathi, i-Enterprise Foods, eyenza amasoseji agayiwe, ubhekeni kanye nenyama.