UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuvulele abahlengikazi amathuba okuqashwa njengoba kulindeleke uqashe abangu-300.
Ngokwesitatimende soMnyango wezeMpilo kulindeleke ukuthi kuqashwe abahlengikazi abangama- enrolled nurses abangu-150 nabangama-enrolled nursing assistants abangu-150.
Umnyango usunxuse abahlengikazi abafisa ukuthola ithuba lokusebenza ngaphansi kwawo abanezicucu ezifanele ukuthi banikele enkundleni yezemidlalo engaphandle kwesibhedlela iNkosi Albert Luthuli kusasa. Kuthiwa kufanele basheshe bafike bese bethathwa beyiswa ezindaweni ezimbili okuyobe kwenziwa kuzo inhlololwazi ngehora lesishiyagalolunye ekuseni.
Ngokwesitatimende abantu abazothola ithuba abantu abangakaze baqashwe ngokuphelele phambilini.
Abantu kufanele baphathe amakhophi omazisi agxiviziwe, amakhophi esitifiketi sika-matric nawezicucu zabo zobuhlengikazi namakhophi esitifiketi esikhombisa ukuthi babhalisile kwiSouth African Nursing Council (Sanc).
Abazoza kule nhlololwazi bazohanjiswa mahhala beyiswa lapho bezobhalela khona.
Ngokusho kwesitatimende umuntu angabhalisela isikhala esisodwa kuphela njengoba bezonikwa ifomu eyodwa ye-Z83.
Umnyango uthe wenze zonke izinhlelo ezifanele zokuqinisekisa ukuphepha lapho abahlengikazi bezohlanganela khona.
Unxuse amalungu omphakathi ukuthi angadlali abantu abakhipha imiyalelo ethi abalethe imali ukuze bathole izikhala zokusebenza.