UMFUNDI kaGrade 7 waseMgungundlovu obedukile utholwe engungwe amaphara eThekwini, ngoLwesihlanu.
UNaledi Zondo (12) owaduka ngoMsombuluko kubo ePrestbury, eMgungundlovu, uze watholwa ngoLwesihlanu ebusuku esenabangani abasha.
Unina walo mfundi okhulume neSolezwe emuva kokutholakala kukaNaledi, uNkk Nokulunga Zondo, uthe ujabule ngendlela ahluleka ngisho nokuyichaza ngokutholwa kwendodakazi yakhe.
“Sithole ucingo ngoLwesine komunye odayisa ngomzimba kaJika Joe eMgungundlovu esitshela ukuthi uhlale nendodakazi yami izinsuku ezimbili ngoba yafika ikhala ithi idinga indawo yokuhlala ngoba unina ulimale engozini yemoto. Indodakazi yami yakwazi ukuthola u-R100 yabe isiya eThekwini. Siye eThekwini ukuyombheka. Sisihamba sinika abantu izinombolo ukuba besithinte uma bemthola sase sibuyela eMgungundlovu. NgoLwesihlanu sifonelwe wumuntu esahlangana naye eThekwini wathi uphethe Isolezwe ubona isithombe sendodakazi yami. Uthe ngaleso sikhathi ubeyibona indodakazi yami ihlezi namaphara
ePhoyinti.
Ngiphuthumile nangempela ngayifica ingane yami izihlalele namaphara,” kusho uNkk Zondo.
Uthe indodakazi yakhe ubengakayibuzi ukuthi kungani ibalekile ekhaya ngoba usayinikeza isikhathi sokuba ibuyise umqondo, iphinde ikhululeke izizwe isekhaya.
“Engikujabulele ukuthi ingane yami ibuyile ekhaya. Kulezi zinsuku ezine edukile bengihlala ngokukhala ngoba bengingazi noma kuzofona abasemakhazeni yini bathi ushonile. Bengingalali ngisho nasebusuku ingane yami ngingazi ukuthi ikephi. Sihlezi sizwa ngezingane ezilahlekayo zitholwe sezishonile,” kusho uNkk Zondo.
Ubonge ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa abehamba nawo yonke indawo ebheka ingane yakhe.
Ubonge abezindaba nezinkundla zokuxhumana ngokukhipha isithombe sengane yakhe okwenze wathola usizo ngokushesha.