UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa useqoke ithimba eliyisipesheli elididiyele ongqongqoshe ukuba babhekane nodaba lwakwa-Eskom.
URamaphosa uthe ithimba lizobe liholwa yiPhini likaMengameli uMnuz David
Mabuza.
Lokhu ukumemezele
emuva komhlangano wekhabhinethi obungoLwesihlanu
nalapho okuxoxwe khona kabanzi ngodaba lukagesi kuleli.
Amalungu
ethimba uMnuz Pravin Gordhan onguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni,
uMnuz Jeff Rhadebe ophethe ezaMandla, uMnuz Tito Mboweni wezeziMali, uMnuz Blade Nzimande wezokuThutha, uNkk Dipuo Letsatsi-Duba ophethe ezobuNhloli nowamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele.
URamaphosa uthe ufuna umbiko ozolethwa kuyena usuku nosuku kuleli thimba.
Kuqokwa leli thimba nje isimo asihambi kahle njengoba kucinywe ugesi ngenhloso yokunciphisa umthwalo.
Kuthiwa i-Eskom ibhekene nesikweletu esikhulu esikhombisa
ukuba nenkinga yezezimali.
URamaphosa usanda kwethembisa ukuthi kukhona umzamo abazowenza wokungenelela odabeni luka-Eskom olukhathaza kakhulu.
Uthe ushiyela kuMboweni ozokwethula inkulumo yakhe ngoLwesithathu lapho ezonaba khona
ukuthi bazomisa kanjani.
Sekukhalwe kakhulu ngokucima kukagesi njengoba kuthiwa kuwulimaza kakhulu umnotho wezwe.
Kwehlukana imibono ngesikhathi umengameli ethi i-Eskom izocazwa izigaba ezintathu ngenhloso yokwenza ngcono isimo sawo.