KUBANJWE isiboshwa esisodwa kwezingu-15 ezeqe ngesikhathi zigqekeza iveni yamaphoyisa ebithwele iziboshwa, ebezisuka eNkantolo yaseThekwini iya ejele laseWestville ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele,
uthe emuva kokwakhiwa kwethimba eliyisipesheli elibunjelwe ukuthungatha iziboshwa ezeqile, sinye esisabuyiselwe ezikhindini,
yize bekunemibiko
ebithi zimbili eseziboshiwe.
Uthe kusolwa ukuthi iziboshwa zeqe emuva kokuthi iveni yamaphoyisa ime erobhothini elikuBram
Fischer nomgwaqo uSoldiers enkabeni yedolobha iTheku.
“Iphoyisa lizwe umsindo ngemuva evenini, okuthe uma libheka isibuko salo esiphakathi labona iziboshwa zigxumela phansi.
Liqhubekile laqonda esiteshini samaphoyisa lapho kufike kwabonwa khona ukuthi iziboshwa ezingu-15 zigqekeze
ingidi yesicabha seveni zeqa,” kusho uColonel Mbele.
Uthe iziboshwa ezeqile bezisalinde ukuqulwa kwamacala azo.
Uthe amacala okweqa avulwe esiteshini samaphoyisa eThekwini.