IMEYA entsha yaseJozini uMnuz Nkosinathi Scelo othembisa ukuxazulula izinkinga zabantu baseJozini
Image: SITHUNYELWE
ITHEMBISA ukubeka eqhulwini izidingo zabantu imeya entsha yaseJozini uMnuz Nkosinathi Scelo Myeni.
UMyeni ungene kulesi sikhundla nje loyo obeyimeya yakulo masipala phambilini uMnuz Mfananaye Mathe ushenxile esikhundleni.
UMyeni uqokelwe kulesi sikhundla ngemuva komhlangano omkhulu womkhandlu ohlalile izolo emini.
UMyeni wenze isethembiso sokuthi uzosebenzisana eduze nomphakathi waseJozini ngenhloso yokuxazulula izinkinga ezahlukene.Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubekwa phambili komphakathi kunoma yini esuke yenziwa umasipala.
Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokuba lingabi khona igebe phakathi kukamasipala nomasipala.''Ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izidingo zabantu ziyafinyelela kubona ngaphandle kwenkinga. Sifuna ukuba umasipala okulula ukuthi abantu bathembele kuwona,'' usho kanjena.
Uthembise nokuthi uzosebenzisana nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zenziwa zibe ngcono izimpilo zabantu baseJozini.Akalushiyanga ngaphandle nodaba lwengqalasizinda uthe nalo luzoba seqhulwini ezinhlelweni ezibahlabahlosile ezizobhekwa ngokushesha yilo masipala kusuka manje kubhekwe phambili.
UMyeni usenamava ekusebenzi kohulumeni basekhaya njengoba aqala ukusebenza njengekhansela kusukela ngonyaka ka-2011.
Uke waba nguSihlalo woHlaka olubhekelele ukuhlela, ukuthuthukiswa koMnotho nezokuHlaliswa kwabantu.Ziningi ezinye izikhundla uMyeni ake azibamba ngaphambilini. Kulindeleke ukuthi uMyeni ovela kuward 1 nomele Inkatha Freedom Party (IFP) ahole lo mkhandlu kuze kube kushaya iskhathi sokuvotelwa kohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.Kungena uMyeni nje bese kukuningi ukukhuluma mayelana nokuba mapeketwane kwezinto eziningi ngaphakathi kulo masipala.
Kuke kwasabalala nemibiko ebiveza ukuthi kunenkinga yokushoda kwezimali kuwona. Kwaze kwavela ukuthi uMathe wabizelwa kwisigungu esiphezulu ukuba azochaza kabanzi ngengwadla yokungabibikho kwemali kulo masipala.
Related Topics: