YIZE uhlelo lokunxephezela abalimala ezingozini zomgwaqo i-Road Accident Fund (RAF), lubhekene nezinkinga zemali kodwa sekuyakhanya njengoba uNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, eveze ukuthi kusele imali enguR3.2 billion esikhwameni sabo.
Bese kuneminyaka lesi sikhwama sibhekene nenkinga yemali. UMbalula uthe lokhu bekwenziwa ukufakwa kwezicelo eziwubugebengu kulesi sikhwama.
I-RAF ithola imali kwintela ekhokhwa ngophethroli, bese kukhokhelwa izindleko zabahlangabezana nezingozi zomgwaqo.
UMbalula uthe kusukela ngo-1981, bezilokhu zikhuphuka izindleko zaze zafika kuR1.5 billion ngo-2015.
Izolo, uMbalula ubenesithangami nabezindaba ngalesi sikhwama nokuthi bazimisele ukwenzenjani ukuxazulula izinkinga ezibhekene naso. Ubehambisana nesikhulu esiphezulu salesi sikhwama uMnuz Collins Letsoalo.
UMbalulo uthe lesi sikhwama bese siwumthwalo omkhulu kuleli, silandela u-Eskom, njengoba besinezikweletu eziningi.
REDUCING THE LIABILITY OF THE ROAD ACCIDENT FUND
— |Mr Fix (@MbalulaFikile) June 7, 2021
We are on the right path and we will continue to work towards a sustainable and equitable road accident benefit scheme. pic.twitter.com/Q68u5yyjeQ
Isikhwama siqoqe uR43 billion ngonyaka, ngentela, u-60% waleyo mali beyisetshenziswa ukukhokhela abafaka izicelo zesinxephezelo. Enye bekukhokhwa izindleko zabameli, ukwelashwa naminye imisebenzi yesikhwama.
UMbalula uthe kungokokuqala ukuthi kusale imali kulesi sikhwama. Ngo-2020, isikhwama siqoqe uR5.2 billion.
“Isikhwama sikwazile ukuma yize kube nesimo segciwane leCorona. Isikhwama sibukeka sisimama, yize kube nezinselelo ngenxa yeCovid-19 kodwa kubukeka izinto zilunga kwi-RAF,” kusho uMbalula.